WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Ukwesaba Okhokho

Ihunyushwe nguSandile Mbotho

 

Sekuyisikhathi ngizindla ngemibuzo maqondana nalaba abanezicelo kwabangasekho ukuze babasize empilweni, kuyinkolo nesenzo esejwayelekile kumabandla amaningi.

Inkosi isinikeze amavesi ambalwa ebhayibhelini encwadini yeZenzo 10:42-43, ukuphendula lokuku khathazeka.  UmPhostoli uPetru ukhuluma kulabo abadinga iqiniso.  Kungabe uyalidinga na?

Nguye [uJesu waseNazaretha, vs. 38] omisiwe nguNkulunkulu ukuba abe-nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo” (i-Zenzo 10:42).

Izwi leqiniso lika Nkulunkulu  lithi umise uJesu njengo “Mahluleli wabaphilayo naba fileyo”. Ngicela ningizwe kahle bangane bami.  INkosi yakhuluma ngendlela efanayo eminyakeni eyizinkulungwane eziningi eyedlule encwadini yamaHubo 2.  Lapho ikhuluma ngalowo eyambiza ngokuthi “uyindodana yami” (vs. 7).  Kulona uthi, “Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele” (AmaHubo 2:6).  UNkulunkulu “wabekile”, umisile, ugcobile Indodana yakhe uJesu Kristu njenge Nkosi noMahluleli. Phambi kwakhe sonke siyakuma, “abaphilayo naba fileyo”; labo abaphilayo phakathi kwabantu; nasebafa kudala; abasazophila.  Yonke imimoya yeminyaka ngeminyaka iphakathi kwakho konke okuphilayo nokufileyo.  UmPhostoli uPawulu uyavuma, naye ukhuluma ngeNkosi uJesu  Kristu, “oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe” (2 Thimothewu 4:1-2).

Ukuthi abafileyo bayokwahlulelwa  okwamanje kanjalo nokwahlulelwa ngemuva kokufa, nokuhlolisiswa phambi kwakhe loyo mahluleli wabo bonke omisiwe. Ungangakulaleli lokhu uma uthanda, kodwa uNkulunkulu ukhulumile!

uPetru uyaqhubeka ngezindaba ezinhle ethi,

Ngaye [uJesu] bonke abaProfethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelwa kwezono” (iZenzo 10:43).

Nakuba uJesu Kristu enguMahluleli wakho konke, futhi unguMsindisi wabantu.  Kukhona ukusulwa noma ukuxolelwa kwezono okunikeziwe “kubo bonke abakholelwa kuye”.  Njengo Mahluleli yena uqobo weza ukuzokwamukela endaweni yethu isijeziso sokona kwethu ku-Nkulunkulu. Lokhu kwakuyinhloso ka-Nkulunkulu ngokufa kuka Kristu esiphambanweni. Futhi manje usinika ukuxolelwa kwazo zonke izono zakho, konke ukungalungi kuNkulunkulu.  Ukubuyiselwa nokukhululwa okuphelele kwemiphefumulo ekulungele ukukholelwa nguye njengo-

Msindisi wayo. “Bonke abaProfethi bafakaza” ngokuthi unguMsindisi noMahluleli kusho uPetru. Uyakuzwa lokho Mhlobo wami?  Empeleni umPhostoli uJohane ubhala athi “ubufakazi bukaJesu bungumoya waba profethi” (iSambulo 19:10). Ungumsuka weziprofetho zikaNkulunkulu.

UJesu unjengomkhumbi kaNowa. bonke abakholwa izexwayiso zika-Nkulunkulu ngokwahlulela okuzayo bangabalekela kuwo batakulwe kuye baphephe olakeni lukaNkulunkulu oluzayo (Genesisi 6-7).

UJesu ufana noJosefa  encwadini  kaGenesise, waphikwa ngabantu bakhe, kodwa ekugcineni wabusa bona abamphikayo, nabantu bonke.

UJesu uyiphasika lethu, okufanele igazi lakhe siligcobe ezimpilweni zethu, ukuze uma sekuza ukwahlulela kuka- Nkulunkulu kwedlule kuwe (Eksodusi 12).

UJesu unjengeDwala ehlane elashaywa kwase kwathi enxebeni lakhe kwaphuma umthombo omtoti (uNumeri 20:11). Njengoba uMose washaya lelo dwala, laletha ubumtoti kubantu bonke. Kanjalo noJesu washaywa kwaIsrayeli, waletha ubumtoti bukaMoya kubo bonke abakholwa nguye.

UJesu ungum “Profethi” akhuluma ngaye uMose encwadini ka Duteronomi 18, okumelwe ukuba alalelwe nakanjani, kunokuba kulalelwe amazwi enkohliso amaningi akhuluma ngokuningi okungabonwanga.  Okukhona nokuningi akhulume ngakho uMose ku Duteronomi  18, abakhuluma esikhundleni saba- Profethi, bethi bakhulumela abangasekho. UNkulunkulu unesexwayiso esikhulu kubo bonke abakhetha ukungayilaleli indodana yakhe engumProfethi omkhulu (iZenzo 3:20-23).

UJesu uyizwi lobuhlakani elikhalayo kubantu ukuba bazozwa izibusiso zabo (iZaga 8).

UJesu uyidwala lesi Profetho sika-Daniyeli, elehlayo ukuzophahlaza umbuso wasemhlabeni wabantu, kuthi owakhe ume kuze kube phakade umhlaba wonke (Daniyeli 2:34-45).  Lokhu kuyakubonaka uma uJesu esebuya ukuza embusweni wakhe emhlabeni wonke.

UJesu unjengo Mprofethi uJona esiswini  senhlanzi, wahlala izinsuku ezintathu ekufeni phambi kokuba avuke  ekufeni.

Singaqhubeka, sithinte zonke izincwadi zetestamente elidala, sithole iziprofetho ngeNkosi noMahluleli ophakanyisiwe enguMsindisi owayekhona ozobakhona futhi, impela  bonke aba Profethi  bakhulume ngaye. UJesu uqobo lwakhe washo,

wayesethathela kuMose nakuba-Profethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye… kumele ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaProfethi, nasemahutsheni” (Luka 24:27,44).

Ubufakazi bonke buhlanganisiwe kwitestamente elidala nelisha, njenge-misebe yelanga, yonke ibheke kuJesu Kristu njengeNkosi yamakhosi, uMahluleli, noMsindisi esilethela usizo esijezisweni sesono kuwo wonke umphefumulo okholelwa kuye.

Manje make sizicabange thina sibheke sisenkantolo yamacala kunamadoda amabili ebhekene noMahluleli. Laba ababili babeboshiwe, baphekwa ngemibuzo, babekwa icala lokubulala.  Kulokhu kona bobabili batholwa benecala. Omunye wabo wayengu-nqgondonqgondo kulobububi, omunye wayebizwa ngoThanatos, kanti omunye engolandelayo nje wayebizwa ngoZoe.  Kodwa bobabili babonile futhi betholwe ngokweqiniso benecala. Manje baphambi kuka Mahluleli obagwebe isigwebo sentambo kwathula kwathi cwaka enkantolo. Bobabili babukeka ebusweni sengathi bafile ngenxa yokona kwabo.

Kubukeka sengathi kusekhona eminye imininingwane ebingaziwa kulelicala, engazange yavela lisaqulwa. Imininingwane ezokwenza uThanatos abe mubi kakhulu. Lemininingwane yavezwa nguZoe kumahluleli. Kuthe kusenjalo uThanatos waphendukela kuye wamesabisa uma engawuvali lomlonyana wakhe. Bheka manje uZoe ebheka ngakuThonatos wamthela ngensini! Nakuba emesabisa; nawe uyakuqonda manje ukuthi kungani.  Bobabili babekwe icala lokubulala futhi sebegwetshiwe intambo, abasenamandla nhlobo ngisho nangempilo yabo. Abasenamandla phezu kwamuntu manje. Ngoba banecala sebahlulelwe nguMahluleli.  Manje omunye wesabisa omunye ngempilo yakhe? Ihlaya leli! Sebevele bangabalahliwe manje  bobabili! Inhlupheko yabo iyafana. Lokhu kusabisa akunamsebenzi nje, ngoba akekho onamadla kunomunye. Munye kuphela onamandla kunabo uMahluleli kuphela lo abami phambi kwakhe.

Manje ake sishintshe licala kancane nje. Make sishintshe amagama abo o “Zoe” no “Thanatos”, siwase esiZulwini. Masibabize ngo “Kuphila” no “Kufa” konke okunye sikushiye kunjalo ekwahlulelweni kwabo. Namanje bobabili baphambi kwalowo Mahluleli wabo. Ake ucabange manje nawe muntu. Yimaphi amandla anawo u “Kufa” ngaphezu kuka  “Kuphila” uma bobabili bemi ngokulinganayo phambi kwaMahluleli  na?  u“Kufa” unamandlamani awagodlile ukuthi angaze asabise u “Kuphila” nganoma yini? Akana lutho!

Kungaziphi izifundo zezwi lika-Nkulunkulu, iBhayibheli, ukuthi singaze sicabange ukuthi abafile banamandla phezu kwabaphilayo?  Kokubili kuzoma phambi kuka-Mahluleli waba “philayo nabafileyo”. Wonke amandla anikeziwe uJesu Kristu eZulwini nasemhlabeni (Mathewu 28:18). Uphethe igunya lonke phezu kwezinto zonke naphezu kwabantu bonke abazibona benamandla emhlabeni. Kuqonde lokhu ukuthi abafile sebevele bazibonakalisile ukungabi namandla kwabo, ngokungakwazi ukuvimbela ukufa kwabo! NguJesu kuphela ozibonakalisile ukuba namandla phezu kwakho konke, ngokunqoba kwakhe ukufa wavuka.

Elinye lelunga lethu ebandleni lacishe lambandakanyeka engozini. Khona lapho abanye emndenini bamtshela ukuthi bekuyisexwayiso esiphuma kuBaba wakhe ongasekho. Ngakho kuzomele ahlabe inkomo ahlabele abangasekho. Ukuba abenzele umsebenzi acele kubo ukuvikeleka.  Empeleni bakubeka kwacaca nje ukuthi uzozisola uma engawenzi lomsebenzi wabangasekho, ngoba okubi kakhulu kuyokwenzeka kuye.

Kusho ukuthini konke lokhu na? Imimoya yabangasekho inamandla kwabaphilayo, ukuba bangaphoqelela izinto ngalendlela, balethe izinkinga, balungise ezinye, bese balindele ukushweleza, futhi batuswe.  Awuwaboni yini amandla kaJesu, yena yedwa omisiwe ngokweqiniso nguNkulunkulu endaweni yamandla, aphucwe lawomandla ngenxa yemi-cabango enjena na? Abantu baphoqwe ngalendlela ukuphila ngokwesaba imimoya yabangasekho, kucatshangwa ukuthi banamandla phezu kwaba-philayo. Kodwa uNkulunkulu ezwini lakhe ubabeka bonke endaweni elinganayo phambi kwakhe! Awuboni ukuthi lokhukusaba kungene esikhundleni sokusaba uNkulunkulu, yena yedwa elithi izwi masesabe yena? “Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha mesabeni ophamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni (Mathewu 10:28).

Asiwutholanga namunye umqondo oveza uNkulunkulu esebenzisana nabangasekho ukuqondisa izindaba zabaphilayo. Asitholanga sibonelo ebhayibhelini somoya wabangasekho unamandla okuphoqelela abaphilayo, noma basicelele kuMdali. u-Nkulunkulu akaze asho ukuthi sidinga ukujabulisa abangasekho. Ibhayibheli likhuluma ngokujabulisa umdali yedwa.

Ngiyakuncenga ukuba ukuqonde ukuthi ngubani ojabulayo ngalenkolo ethi abafile banamandla phezu kwabaphilayo. Ngiyakuncenga ukuba ukuqonde ukuthi nguSathane yedwa, ngoMubi isitha sikaNkulunkulu, okulangazelelayo ukubona izimfundiso ezinjalo, ngoba ziphanga inkazimulo nokwesaba iNkosi yona yodwa. Omubi ulokhu ezama njalo ukugxambukela endaweni ebekwe nguNkulunkulu ibekelwe uMahluleli noMsindisi.

Ibhayibheli lisifundisa ukuthi uSathane uyaphila okwempela enamacebo anzulu okukhohlisa abantu.  UJesu wathi ngoMubi “wayengumbulali wabantu kwase-kuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo” (Johane 8:44). Kanjalo nangabo bonke abanamanga “nezenkolo” ezinobuSathane, zizama ngayoyonke imizamo ukuphambana necebo lika-Nkulunkulu leqiniso ngoJesu Kristu.

Ingabe likhona yini ibhayibheli elivumelana nombono othi abafile banamandla phezu kwabaphilayo? Phinde! Ngiyanincenga bangani ngiyanicela, kuqondeni ukuthi uma amasiko esifundisa ukumelana neqiniso likaNkulunkulu kufanele sihlukane nawo. Kungaba ngo-nenhliziyo yokuziqhenya kuphela onganamathela kokungesilo iqiniso ngoba nje kungamasiko uma u-Nkulunkulu elikhulumile iqiniso elimiyo njalo bese abantu baliphike, baphika uNkulunkulu uqobo.

Ukufa akusiniki amandla, kukhombisa ukuphela kwawo kuphela. Abafileyo baveza  ubuthakathaka babo nxa behluleka ukumelana nokufa. UJesu nguye yedwa owakhombisa ukunqoba kwakhe phezu kokufa ngokuvuka kwakhe kwabafileyo. Ngakho nguye yedwa onamandla okusisiza. UNkulunkulu akazange wanika amandla abafileyo, ngoba lokhu kuyophuca ilungelo lalowo onikiwe amandla onke. UNkulunkulu akasivumeli ukuba sesabe abafileyo, ngoba lokho kuyokwenza singamesabi, okungumgomo webhayibheli omkhulu, mesabeni uNkulunkulu! Muzweni uNkulunkulu! Kungani sicela kwabafileyo kepha bengenamandla, kube kukhona onamandla angaphezu kwamandla ozinikelayo ukuba ngumsindisi nomsizi wethu? Ku “Jesu indodana kaNkulunkulu…singathola ukuzwelana nobuthakathaka bethu, samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza  ngezikhathi esifanele” (KumaHebheru 4:14-16).

UJesu ulusizo kubantu nomduduzi ezinsizini! Kodwa awume. Singabuzi yini kwabanye bethu abakholwa ukuthi abafile banamandla? Kungani sicela uMariya unina kaJesu ngokwenyama, njengomsizi nomlamuleli, njengoba abanye bethu bekholelwa, uNkulunkulu akazange waphakamisa uMariya endaweni enjalo ngokwezwi lakhe elimiyo njalo, noma amnike amandla anjalo! Impela wahlonishwa ngokwevangeli ngo-bufakazi ngemisebenzi kaNkulunkulu ngaye, njengabanye besilisa na-besifazane abasetshenziswa ngu-Nkulunkulu ebhayibhelini, yilokho nje kuphela!  Umqondo wokubiza uMariya njengomunye onomthelela ekuxhumaneni noNkulunkulu kwa-bantu, kungenye yezindlela zokukhonza abangasekho. Ivelaphi lemibono, ngaphandle kwezinhliziyo zobunmyama bukasathane, esebenzisa amasiko abantu? “ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu” (1 Thimothewu 2:5).

Lokhu kuyiqiniso nakulaba ababizwa ngokuthi “abangcwele /osanta” bebendla lamakhatholika. Nabo bangabafile njengabanye. Kanjalo nemimoya yasebumnyameni ebasizayo ukwembula okufihliwe ngamandla obumnyama, imisebenzi yabafile, ukubhula imihlolo, nokunye, iqiniso futhi ngabo bonke ababuka abafile bekholwa ukuthi bangakwazi, bakulungele ukunika usizo, nokududuza ezimpilweni zethu. Bonke abasebenzisana “nabafileyo,” bonke abacabanga ukuthi bakhuluma nabafile, empeleni basuke bebambene nezingelosi  zikasathane (amadimoni) azibonakalisa njengabantu asebafa/ amadlozi, umoya wezithunywa, amakholwa angasekho noma izithixo.

Akekho noyedwa kwabafileyo osendaweni engcono kunabaphilayo masima phambi kukaJesu Kristu uMahluleli wethu. Akukho nakanye ebhayibhelini okungubufakazi bamadlozi esendaweni ephakeme. Bonke bayalingana phambi kwakhe lowo ongumahluleli wabo bonke, yena unguMsindisi wabantu, enikeza ukuxolelwa kwezono kubo “abakholelwa kuye”.

USathane uyaphila ukhona njalo nje “ufuna lowo ongamgwinya”, ubeka inkohliso yakhe njenge sicabucabu sibeka ulwembu, ubuthela  kuye yonke Imiphefumulo enganakile ukuya nayo ekuhlushweni kwasesihogweni. Inkulu kangakanani inzondo anayo, inzondo engaka azonda ngayo uNkulunkulu kanye nogcotshiweyo wakhe. Uyafuna ngayoyonke imizamo ukwenza mubi u-Jesu Kristu phambi kwabantu, usebenza njalo kulabo abathi u-Nkulunkulu akanayo indodana, noma indodana ingaphansi kuka-Nkulunkulu, noma lowo ongama endaweni kaKristu ephakeme njengomsizi noMsindisi wethu.

Oh! Akenime manje ukubiza abafileyo, abangenawo nhlobo amandla phezu kwabaphilayo. Kubo bonke abathembele emadlozini naku-Nkulunkulu, empeleni abakholwa nokukodwa, ngoba uma sibeke unyawo olulodwa esihlalweni futhi olunye luphansi asiphelele esihlalweni. Uma usabambelele emadlozini, awumethembi nhlobo kuJesu Kristu.

Bekani izicelo zenu kumahluleli weqiniso ophakanyisiwe ngu-Nkulunkulu, lowo oyakuba ngu-Msindisi wakho, lowo oyakunika ukuxolelwa kwezono  “lowo okholelwa kuye”. Alikho nhlobo ithemba lokusizakala ezonweni ngaphandle kukaJesu Kristu.

“Ayikho  insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kweZulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo” (iZenzo 4:12)

“Ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo  onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabaphansi komhlaba, nezilimi zonke ziyavuma ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise” (KwabaseFilipi 2:10-11)

 

***************

Ubani uNkulunkulu?

“Akekho olungileyo, akekho noyedwa” (KwabaseRoma 3:10)

Ubani owonile?

“Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23)

Iyini inkokhelo yesono?

“Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila  okuphakade kuKristu u-Jesu iNkosi yethu” (KwabaseRoma 6:23)

Ngubani okhokhele inkokhelo yesono?

“Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa  ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi siseyizoni, uKristu wasifela” (KwabaseRoma 5:8)

Ngingasindiswa kanjani emacaleni nasekugwetshweni  ngezono zami?

“Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi  bayakusindiswa” (KwabaseRoma 10:13)