WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Munye uNkulunkulu onguNkulunkulu!

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

Silandela emva kokhokho abebenesibindi, abaka Nkulunkulu webhayibheli. Isiko lamaqhawe asendulo asandulelayo. Abesilisa nabesifazane abalimela iqiniso eminyakeni eminingi edlule bebhekene namanga ngeqiniso abanye baze balahlekelwa ngokuningi. Kuyindlela kaNkulunkulu ukuthi abaholi abaqotho bakhulume iqiniso ukuze konke okukhulunywa abanye kube amanga aluhlaza. Labaholi abavusiwe bayaziphikisa izimfundisoze ezidukisayo, lokhu bakwenza obala. Lena yindlela kaNkulunkulu, esebenza ngabesilisa nabesifazane abakholwayo.

Ngenkathi inkosi uJerobowamu ehola ngokwesaba isizwe sangenhla sika Izrayeli, esiholela kwizithombe (1 Amakhosi 12), inkosi ayizange imoshe isikhathi ekuhluleleni leyankoleloze. “inkolo” eyayenziwe uJerobhowamu, eyibiza ngalokho eyikho, iphrofetha ngokubhujiswa noma ukuqedwa kwe althare layo (1 Amakhosi 13).

UJehova wayiphosela inselelo kanjani lenkolo kaJerobhowamu eyize? Wathumela indoda – “indoda kaNkulunkulu” – indoda eyayishaya indiva ingozi yonke eyayingabhekana nayo, yamelana namanga ngesibindi ibhekene nenkoleloze, engasilo iqiniso. Lena indoda eyazithola ibhekene nobunzima ngokubheka kwabantu. Kwakuwusuku olusabekayo nendawo esabekayo yokushumayela, lendoda engenagama, umuntukazana, yabizelwa uNkulunkulu ukuzoshumayela. Yathunyelwa esidlekeni sezinyosi iphethe induku nje yokuzipitshiza. UNkulunkulu wabiza lendoda ukuthi ime ishumayele ngesibindi, ibhekene nobubi- ibhekene nabo ngqo emehlweni, ikubiza ngokubola. UNkulunkulu wayibizela ukuthi ithathe umyalezo phambi kwenkosi, iwuyise ngqo kubenzi bobubi. Phambi kwethempeli lezithombe, phakathi emlonyeni wamabhubesi. Lokhu kwakungesoze kwenzeke! Kodwa inkosi uNkulunkulu wezulu nomhlaba waba nayo wayipha amandla ekungesiwo amandla nje, amangalisayo okukhulula.

Uma umuntu ngobulima ezenzela inkolo yakhe, uNkulunkulu uthumela umuntu ukuthi abuke mese ekubiza ngalokhu okuyikho – amanga!

Yithi ngithi ukuhlola kancane ulwazi lwakho lwethestamente elidala. Usuke wezwa noma wafunda ngoGidiyoni, kunjalo? Yini eyenza uGidiyoni anyukele endaweni yokuba umholi ngesikhathi sakhe? Uyakhumbula? Okokuqala nje, ubizo lukaNkulunkulu ebiza uGidiyoni emubizela ebuholini (Abahluleli 6) Okwesibili, wamuyalela ukuthi abhidlize isithombe sikabhali esasidumile. Akuthathanga isikhathi eside ukuthi abesenkingeni emvakwalokho. Umphakathi wonke wawugcwele intukuthelo, ubafuna phezulu, noma umfuna phezulu umenzi wokubi obhidlizile. Ngale nje kokuningi, lomfana wayekusuka ngaphi ukubhidliza nokuhlulela inkolo yabanye, aze abhidlize nama althare abo? Phila, usiyeke siphile ndoda! Lena akusiyona indlela kaNkulunkulu bazalwane, leyo ekasathane. UGidiyoni waba yindoda emadodeni ngokumela nokwenza lokho atshelwe yinkosi ukuthi akwenze.

Kumele siqaphele isifundo esibalulekile esivela enkosini, ebhayibhelini, kwizifundo ezifuze lezi. Kumele sazi ukuthi inkosi ayidlali uma kuziwa kwizinto eziyinkoleloze, Inkolo yamanga. Akanqeni ukuyidilizela phansi. Futhi nathi akafuni sisabe ukwenza lokho. uNkulunkulu akafuni sihlale ngokukhululeka eduze kwezigodlo zikasathane. Usibizela ukuba siziqonde futhi siziphikise lezo zinkolo. Akafuni sibe novalo, sisabe abangakholwa, sibe amagwala, sivale imilomo, sihlalisane, samukelane.

Inkosi yabeka kwihubo 37:1 “Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile” ngobani? “Ngokuba ababi bazakuchithwa” (ivesi-9). Laba abalandela inkolo yamanga “bangabenzi bobubi”. Benza okubi uma benqaba iqiniso likaNkulunkulu eliyizwi lakhe bavumele lokho okungamanga.

Bheka nje ukushukumisa kwenkosi kubafundi bayo encwadini ngokukaMathewu 10:28,

Ningesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba.

Yesaba uNkulunkulu, hhayi abantu! Futhi khumbula isiqiniseko senkosi ngesibindi somphrofethi u-Isaya,

“Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho…” (U-Isaya 41:10).

Impela isiqiniseko esinjena esivela enkosini sagcwalisa inhliziyo ka Eliya mhla ekhuza indumiso nabadumisi babhali entabeni ikameli, wayikhuza ngobunjalo bayo obuwumbukiso (1 Amakhosi 18).

Kwincwadi yezenzo, ethestamenteni Elisha siyasibona lesi sifundiso sokungamukeli isifundiso samanga kukapakela kubantwana besithembiso, abantwana baka Israyeli. Umphostoli uPawulu wakhonza abazalwane iminyaka ebandleni lase-Efesu entshonalanga ese-Asia (esazi ngokuthi ise- Turkey kumanje). Ekushumayeleni kwakhe kulelidolobha, uPawulu wayekulungele ukuletha umyalezo wethemba kujesu Kristu yedwa, inkosi yaveza obala yakhuza ukukhonza izithixo ezingamanga, nokukhonzwa kukankulunkulu u-Diana kuleyandawo ngalesiya sikhathi. (Izenzo 19:26). Abaningi kuleyandawo abakwamukelanga kahle lokho, ukuthi uPawulu ashumayele emelene nezithombe ezinjengalezi ezazidumile o-Diana “ethi akusibo oNkulunkulu labo abakhiwe ngezandla”. Kwakungesilona iqiniso ukuthi ukukhonzwa kuka-Diana kuleliyadolobha kwakukudala ngaphezu kokukhonzwa kuka Kristu? Kwakuyinkolo endala edumile futhi ilandelwa kakhulu. UPawulu wayenelungelo lokuphikisana nabakhonzi bakhe, kodwa kwakungafanele azwelane nesimo sabo kanye namalungelo abo? Kwakungamele avele naye amemezele ngoNkulunkulu wakhe nangenkolo yakhe ayeke abantu bazikhethele ukuthi bazokholwa yini, akubukeki engathi useyigongo kakhulu kangangokuthi usebhidliza onkulunkulu babantu ukuze ezoqhakambisa owakhe? Kumele sikhumbule ukuthi uPawulu wayengaqhakambisi okwakhe noma isambulo sakhe. Kwakungokuka Nkulunkulu weqiniso osezulwini!Iqiniso laphakade lilotshiwe inkosi yenkazimulo kwincwadi yezincwadi. UPawulu wahlala enonembeza omhlophe phambi kwenkosi ngomsebenzi wakhe noma ngenkonzo yakhe.

Manje ake sibuke lomqondo oqukethwe lapha kulesikhathi sami nawe. Akukucaceli ukuthi inkosi izobiza ibandla langempela kulezinsuku nazo zonke ezinye izikhathi ukuthi balandele ngokufanayo abathembekileyo ngaphambilini?  Baphi abazalwane abanesibindi sokuma bakhuze umhlola wezinkolo zamanga kulesikhathi sethu. Abazobambelela eqinisweni kuze amanga azibonakalele eseza kude. Ngicathi senza kabi phambi kwenkosi ngokuthula kwethu okungaka, sifuna ukuzwana sibe nokuzwana nezimfundiso nabafundisa izimfundiso zikasathane ngaphezu kwezikaNkulunkulu, ezenza sivale imilomo ngezinkinobho mayelana nokuhle nokubi, okuyikho nokungeyikho. Senza kabi kwabangasindiswanga uma singami esikhaleni sikhuze umhlola wezinkolo zamanga, singami sigxile eqinisweni lezwi likaNkulunkulu. Yisifundiso sikasathane lesi esesisishwabanise ulimi bangani bami abakholwayo. Kubukeka kimi engathi sekuyisikhathi sokuthi sisuswe lesifonyo!

Ivesi ebhayibhelini elikucacisa kahle lokhu u-Isaya 45:22 lapho uNkulunkulu ethi,

Phendukelani kimi, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye

Manje yekela ubuvila obulokhu kukutshela ukuthi beka lencwadi encane emvakwakho, uzame isikhathi sokubheka lokhu okushiwo yinkosi lapha ngenhla. Okuningi kusobala nje emehlweni, ukuqala ngokuyalezwayo yinkosi, okuyalezwayo ukuthi wonke umuntu abheke kuNkulunkulu webhayibheli ukuze athole insindiso. Kuba khona esikucabangayo, ukuthi bonke abantu badinga insindiso, ukuthi akukho noyedwa oyosindiswa ngaphandle kokubheka kuNkulunkulu weqiniso. Isidingo sensindiso nomsusa wensindiso kusobala kakhulu, akunjalo? Ukuduka kwabantu abangaphandle kwenkosi nokuxhomekeka kuyo, kuvezwa ngokusobala kulamavesi. Igama elith “bonke” lisetshenzisiwe lapha. Akekho ongacasha ngokuthi lo bonke usho u-Izrayeli noma abantu abamhlophe noma abasentshonalanga. Inkosi ikhuluma kubo “nonke nina majukujuku omhlaba” wonke umphefumulo okulomhlaba. Kuze kube sekugcineni mngani wami!

…ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.

Yima kancane! Uthini ngalaba abahambisa iminikelo ko Buddha babo abancane le empumalanga? Singavele sibayeke kanjalo baziqhubekele? Cha! Akunjalo, ngokuba uBuddha akasiye uNkulunkulu! Kanjani ke ngalaba abazikhonzela u Allah wabo no Krishna? Aybo, labo akusibona oNkulunkulu, “ngokuba nginguNkulunkulu”, kusho uNkulunkulu wezulu, “akakho omunye”. Abanye bathi uNkulunkulu no Allah bayafana, lokho akusilo nhlobo iqiniso. Ibhayibheli nekhurani lamasulumane likhuluma ngabantu ababili abahlukene, akukwazi ukuthi bobabili babe uNkulunkulu ngesikhathi esisodwa. UNkulunkulu yedwa ongunkulunkulu! Nabo bonke labonkulunkulu bamanga bamahindu abasibona oNkulunkulu, ngeke uNkulunkulu abe uNkulunkulu kanye nabo.

“… nginguNkulunkulu, akakho omunye

Iqiniso likaNkulunkulu elitholakala ebhayibhelini ilona qiniso, konke okunye okuphikisana nalo kungamanga. Siyamazike ubaba wamanga, usathane uqobo lwakhe, uyena umsunguli waho konke lokhu okunye.

Abantwana baNkulunkulu bathuli kakhulu kulesikhathi ngalokhu. Akekho ofuna ukukhuluma noma azibhale lezizinto “ezahlulela” abanye. Akekho ofuna ukuba “kokungekuhle” ngoba kusemfashinini ukuba “muhle” kodwa uyabona ukuthi yimiphi imiphumela yokuthi singafuni ukuphumela obala ngalezi zinto? Cabanga nje! Umuntu osemgaqweni akabezwa abantu baka Nkulunkulu begxeka noma bemelana nenkolo yamanga ezweni. Manje ngoba akakuzwa lokhu kuvela ebandleni likhuza umhlola, bephikisa okungalungile bemela iqiniso, ube esezicabangela okwakhe, ucabanga ukuthi amakholwa awakwazi ukumelana nenkolo yamanga noma ezinye izinkolo. Uma amakholwa engakwazi ukumelana nalezinkolo eziphikisa iqiniso kusho ukuthi zonke lezi ezinye izinkolo zamukelekile. Kushukuthi ndlelathize nazo “ziliqiniso” kulabo abazikholwayo. Lokho kusiyisa ekutheni alikho iqiniso elilodwa namanga, uma abaphikisa iqiniso kungamelwana nabo, ngakho kumuntu akube kusaba khona ukuzisola ngokungalamukeli iqiniso abe nesazela. Kuyamangaza ukuthi amanga iwona asenwetshiwe kwaba sengathi yiqiniso. Imvula yamahloni yehlela kimi uma ngicabanga ukuthi sesifike lapho kukhona lezinto ngenxa yobudedengu babantu bakaNkulunkulu, abalaziyo iqiniso nokuphambuka kodwa sebeyekele badonswa imfashini edumileyo, eholwa usathane.

Futhi uma bantwana baNkulunkulu sebezihlanganisa nabo bonke abantu abakholelwa kwizinkolo zamanga, njengoba kwenzeka nje kwamanye amabandla axubile kulezinsuku, lokhu kufaka isisindo kulokhu, ukuthi bayekelwe onkulunkulu bamanga nezinkolo zamanga egameni lokuthi kuzanywa ukuthula phakathi kwabaholi mese kuyathuleka ngamanga alezi ezinye izinkolo, kushukuthi bonke abanankinga, kumuntu ongaphandle kubukeka kulungile, kepha akulungile nakancane!

NginguNkulunkulu, akakho omunye”, Kusho uNkulunkulu webhayibheli oqinisileyo.

Uyabona ukuthi abantu badideke kanjani? Uyabona senzenjani ukubadida? Abangasindiswanga ababukayo banomqondo. Bakholwa abakubonayo kunalokho okushiwo ngolimi olushelelayo kushiwo abambalwa, kodwa abakubonayo ukuthi kahle hle akunandaba ukuthi ukholwa yini, akucaci kahle okulungile nokungalungile ngoba akekho ocacisayo.

Kodwa iqiniso elingephikwe lithi munye uNkulunkulu onguNkulunkulu! Futhi akekho omunye! Bonke abanye abathi bangoNkulunkulu abasiye, bangonkulunkulu bamanga, abangayilutho, udumo labo lishiwo abaphrofethi babo abangabaqambimanga Kanye nabafundisi babo, baqhuba labo ababalandelayo bebayisa kobhujiswa Kanye nabo esihogweni!!

UNkulunkulu unguNkulunkulu, akekho omunye, insindiso itholakala kuye.

Phendukelani kimi, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba” kusho uNKulunkulu onguNkulunkulu, yena yedwa onamandla okusindisa, “Akakho ngaphandle kwami.

Encwadini Izenzo 4:12 sifunda,

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo”.

Linye igama ekukhulunywa ngalo la kwincwadi yezenzo-4, igama likaJesu Kristu.

Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu” (1 KuThimothewu 2:5).

UJesu indodana kaNkulunkulu. Kepha waba umuntu, ukuze avulu indlela yomuntu eya kuNkulunkulu. Isono somuntu senze udonga phakathi kwakhe noNkulunkulu ongcwele wamazulu, ngasohlangothini lomuntu ayikho into engenziwa. Ngalesizathu, uNkulunkulu waba ngumuntu, weza kithi, ukuze enze indlela eya kuNkulunkulu. Manje uJesu uthi, “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kubaba ngaphandle kwami” (NgokukaJohane 14:6).

NgokukaNkulunkulu, isono sifanelwe ukufa. Ngakho ke lowayengakufanele ukufa, wafa endaweni yethu. UJesu wavuka kwabafileyo, ebonakalisa amandla akhe phezu kokufa, “Ukuba yilowo nalowo okholwa nguye, angabhubhi, kepha abe nokuphila okuphakade” (NgokukaJohane 3:16).

Alikho elinye igama emhlabeni umphefumulo ongasindiswa ngalo kulaka lukaNkulunkulu ngenxa yesono somuntu… kusho uNkulunkulu webhayibheli oqinisileyo.

 

“““““““““““`

Ubani olungile?

Akakho olungileyo, akakho noyedwa” (KwabaseRoma 3:10)

 

Ubani owonile?

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23)

 

Iyini inkokelo yesono?

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu” (KwabaseRoma 6:23)

 

Ubani owakhokha inhlawulo yecala lethu?

Kepha uNkulunkulu (uyabonakalisa) ukusithanda kwakhe ngaloku ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela” (KwabaseRoma 5:8)

 

Ngingasindiswa kanjani kwisazela, nenhlawulo yesono sami?

Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa” (KwabaseRoma 10:13)

 

Umkhuleko wesoni

Nkosi, ngiyavuma ukuthi ngiyisoni esingafanelwe umusa, kodwa ukwahlulela kwakho okulungile…

Mina ngiyakholwa ukuthi uJesu wafa efela zonke izono zami…

Ngiyacela ukuba ungixolele…

Ngiyamamukela uJesu abe ngumsindisi wami!