WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Ukuphila Okuphakade

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

Umbuzo olula nje engiwubhekisa kuwe. Kungabe impilo ephakade uNkulunkulu asinika yona ingeyaphakade noma qha? Ngiza ngenhloso elula nje; ukukusiza uthole isiqiniseko sensindiso. Ukubeka kafushane nje, ngizokuhola uqonde ukuthi uma uNkulunkulu esindisa umphefumulo, ngokukholwa uJesu Kristu, Uzowuyisa umphefumulo osindisiwe enkazimulweni ngamandla akhe amakhulu! “Nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa” indlela u Petru abeka ngayo (kaPetru 1:5). Igama abantu abajwayele ukulisebenzisa “isiqiniseko saphakade”, uma usindisiwe unesiqiniseko sokuhlengwa ensindisweni esiyinikwa uNkulunkulu, ayisoze yakuphunyuka. Kodwake baningi abangayiboni ngaleyo ndlela. “Baningi abadukisi abangenile ezweni,” umphostoli uJohane uyaxwayisa, ubani ongaphuca amaKristu injabulo yensindiso yawo. Ileyo njabulo engifisa ukuyibuyisela kuwe noma ngiyicindezele ephaketheni lakho ngalencwadi encane. uNkulunkulu othi “nginilobele lokhu ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni lendodana kaNkulunkulu” (1 kaJohane 5:13). UNkulunkulu wethu ufuna sibe nokuphila okuphakade ngokukholwa kuJesu Kristu. Ufuna sazi ukuthi sinakho!

Abanye baqhakambisa ukuthi igama elithi “ukuhlengwa kwaphakade” alitholakali ngisho ebhayibhelini. Kodwa ngicela uqonde ukuthi akusona isizathu esinqala leso ukuphikisa leliqiniso lokuhlengwa kwaphakade okuqinisekisiwe. Maningi amaqiniso ebhayibheli amakristu awanikeze amagama, angatholakali ebhayibhelini. “ziquzintathu” isibonelo, noma “ukuhlwithwa” noma “imilen’yamu”. Sisebenzisa igama elingekho ebhayibhelini ukugqamisa isifundiso sebhayibheli. Bonke abakholwa uJesu banalokhu uNkulunkulu akubiza “ukuphila okuphakade” Banakho kusukela ekukholweni kwabo (ngokukaJohane 5:24). Wonke umzalwane unalokhu uNkulunkulu akubiza “impilo ephakade” (kumaHebheru 5:9), bathengiwe ngoku “hlengwa kwaphakade” (kumaHebheru 9:12), babizelwe kuyo “inkazimulo ephakade” (1 kaPetru 5:10). Lawa amagama akhona ebhayibhelini ngisho noma elithi isiqiniseko sokuhlengwa kwaphakade” lingekho ngqo.

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi abanye basebenzisa ibhayibheli ngokungafanele, befundisa lesifundiso sokuhlengwa kwaphakade, basisebenzisela ukuthoba onembeza babo ukuze bezoqhubekela ebubini. Abanye bazothi uma kungukuthi uma ususindisiwe angeke ulahlekelwe ukusindiswa kushukuthi akusenandaba ukuthi siphila kanjani. Kodwa uJesu uthi izimvu zakhe ziyalizwa izwi lakhe futhi ziyamlandela. Futhi umphostoli uPawulu uthi labo abaphunyukile ekulahlweni ngoJesu Kristu “bangahambi ngokwenyama, kepha ngokukaMoya (kwabaseRoma 8:1).

Munye nje umbuzo wethu; Uthini uNkulunkulu ngaloludaba ebhayibhelini? Isipiliyoni sethu nokucabanga kwengqondo yethu hleze kusiduse. Izwi likaNkulunkulu kuphela, linoku qondisiswa, liyinkombandlela ethembekile.

Ngicela ubheke kanye nami isithembiso esisobala kuJohane 10:27-29.

Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi; akakho ongazihlwitha esandleni sami.”

UJesu lapha ukhuluma ngokwakhe kuleligama elincane “Zami”. Yonke imiphefumulo esindisiwe ingeyakhe uJesu Kristu.  Ubahlengele kuye ngokunikela impilo yakhe ngenxa yabo. Futhi “izimvu zami” lokhu kuphikisa “izimvu ezidukile” uJesu akhuluma ngazo kwenye indawo. “ukuduka” indlela uNkulunkulu achaza ngayo imiphefumulo engaka “mutholi” uJesu. UNkulunkulu uchaza imiphefumulo edukile njenge “file ngokweziphambeko nase zonweni”, bengena nkomba ndlela, bengena themba. Uku “sindiswa” ukutholwa ngumalusi omuhle. Ukwamukela ngokukholwa, insindiso nokuphila okuphakade kuJesu Kristu. Lokhu akusikho ukushintsha kwesimilo kodwa uguquko lwakomoya oluyisenzo sika Nkulunkulu kumzalwane.

Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami” (ngokukaJohane 10:28)

Ngizinika ukuphila okuphakade” kusho uJesu. Impilo enjani lena “Impilo ephakade”! Kungabe kunjalo noma akunjalo? Isinqumo okuzomele usenze mngani wami; isinqumo sokuthi uyifunda kanjani Incwadi Yezincwadi.  Igama elith “okuphakade” lisetshenzisiwe lapha, ngakho kusho ukuthini lokhu?  Kungabe “iphakade” uma singayixova ize isiphunyuke? Uma impilo enjalo iba phakade uma ngize ngayofika ethuneni nokukholwa okukhulu enkambweni yami, kungabe “impilo ephakade” lenginayo njengamanje? Kukho konke ukulunga, kungenzeka kanjani impilo esiyinikwa uNkulunkulu ibizwe “phakade” uma kulele kimina ukuyigcina?

Abasoze babhujiswa”, kusho uJesu. Ngemuva kwegama “abasoze” lapha kune nhlanganisela encane ehehayo ngoko limi lwesi Grekhi elalibhalwe ngalo Ithestamente elisha okokuqala. Kuhlanganiswe amagama amabili athi “ngeke”. Ukuhlanganiswa kwalamagama kukhipha “ngeke nhlobo”. Indlela enamandla kakhulu yokuchaza igama “ngeke” ngolimi lesi Grekhi emva kwesingisi. Lokhu kulandelwa igama “Phakade” no “Ngunaphakade”. Kodwa ke ngokusho kwamazwi ka kristu lana “Abazoku bhubha ingunaphakade” Manje mzalwane ukufunda kanjani lokhu? Ingafundwa kanjani vele lengxenye ngaphandle kwalokho okusobala? Ngobufakazi obugqamile bendodana kaNkulunkulu uqobo lwayo. Umphefumulo osindisiwe awusoze wabhubha! Kunjalo nje!

Akakho ongazihlwitha esandleni sami”.  Manje qonda ukuthi lesi isandla somsindisi wethu sibambe abazalwane, akusiso esabazalwane esibambe yena. Singacabanga ukuthi leyokubamba ilele kwintando yethu, ngaphambi kokuba sizame ukuzikhipha ekubambeni okungcwele. Yithi umntwana kaNkulunkulu azame nje, uzobona ukuthi isandla sikaNkulunkulu siqine kanjani ekubambeni imiphefumulo esindisiwe. Siphephile esandleni sakhe othe “Abosoze babhubha”!

Ubaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sakhe” (ngokukaJohane 10:29)

Makadunyiswe uNkulunkulu ngalokubamba okubili!

Ubaba…mkhulu kunabo bonke” amandla akhe omkhulu kunabo bonke yiwo angemuva kwalokhu kubanjwa mngani wami. Amandla onke kaNkulunkulu ayisiqiniseko sethu saphakade. Ukhona yini odaliweyo onamandla okuzisusa kulesandla sakhe “mkhulu kunabo bonke”, umdali wakho konke? Futhi lo “BONKE” usho ukuthi BONKE! Ubani ongasihlwitha kuye, NOMA YENA UQOBO SISUKE, ekubambeni kukaNkulunkulu? Akakho noyedwa onamandla okuzisusa yena uqobo, noma asuse omunye ebunzulwini balesandla  esingcwele.

Qaphela ubungozi balabo abafuna ukufaka izinto zabo emazwini kaNkulunkulu. Ngokuba baningi lapha phandle abaphokophela ukufaka izinto zabo ezwini njengo “uma” kulesithembiso esiyigugu sikaNkulunkulu. Abafundisi abanjalo benza amazwi enkosi afundeke kanje; “Izimvu zami ziyalizwa izwi lami, futhi “uma” zingilandela ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha.” Labadukisi bafaka “UMA” izimvu zikaKristu zimlandela emva kwalokho “azisoze zabhubha”.  Kodwa muphi “uma”?  Futhi yiliphi ilungelo abanalo lokuthinta izwi likaNkulunkulu eliphakade? Lalela isixwayiso sezaga 30:6, “Unganezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga”. Qonda ukuthi ukunezela lelogama noma lowo mcabango, insindiso ngomusa uyayiphika. Insindiso ngomusa uyayiphika, insindiso ngemisebenzi yomuntu uyayiqhakambisa,  umsebenzi kaKristu esiphambanweni uyawushibhisa,  ingxenye yendima yomuntu iyagqama. Uma kuwukuthi “azisoze zabhubha naphakade”, akunakwenzeka ngakhoke izimvu zomalusi omuhle AZISOZE zabhubha!

Lalela isithembiso sikaNkulunkulu kithi. Uthembekile yini? “izimvu zami… azisoze zabhubha”, kusho yena. Ayikho imigomo, azikho iziqu, kuphela nje ukuthi sebebe yizimvu zakhe. Kumile, kuyagcina, kuyikho, futhi kulula, kwamukelwa ngokukholwa izwi likaNkulunkulu eliqinisile. Phumula kulona mngani wam! Mukholwe ngalo! Yamukela lokho manje enhlizweni yakho,  ungayeki noma ubani adlalele noma akugudluze kulesithembiso esiyiqiniso futhi!

Manje ngicela ubheke nami amazwi kamphostoli uPawulu encwadini kwabase-Efesu 1:13-14.

Kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

Njengoba abanye baba nesibindi sokukhuluma ngomyalezo wevangeli, kanjalo abanye bawukholwa! UNkulunkulu wabeka ukuthi abanye bayokholwa umyalezo wensindiso kuJesu oshunyayelwayo.

nani nabekwa uphawu olunguMoya Ongcwele wesithembiso” Senikholiwe “nabekwa uphawu”, uphawu lwesigameko esenzeka ngenkathi sikholwa yivangeli. Leligama “nabekwa uphawu” liveza umqondo wokubekwa uphawu. Emandulo uma “kusayinwa” amapheshana noma amadokhumente kwakuncibilikiswa okusakhandlela noma ubumba oluthambile mese kuyacindezela phezulu kwakho kube ngukusayina lokho. Kwakuyindlela yokusayina yasendulo ngaphambi kokubakhona kuka inki, amapeni kanye nephepha. Uphawu lolu lalusebenza njengegunya lakhe lona osayinile. Futhi njengokusayina, uphawu lomuntu liveza igunya lakhe kwidokhumente noma umthetho ophawuliwe. Uphawu luveza into eyiqiniso, ephelele, engenakushintshwa. Noma izimpawu zabantu zingaphulwa, uphawu lukaNkulunkulu lungathintwa yini okudaliweyo noma amandla okudaliweyo? Qha nakanye! Akekho umuntu oke wephula uphawu lukaNkulunkulu noyoke enze njalo. Ngisho usathane imbala.

Bheka uPawulu uma ekhuluma nabazalwane base Efesu, uveza ukuthi bonke abakholwayo banophawu. Ngokusobala “bonke” kukhulunywa ngabo. Bonke abazalwane banophawu olunguMoya Ongcwele phakathi kwabo ngokukholwa kube ngukusindiswa.

Umqondo emvakwegama “isibambiso” kuvesi le-14 yinto enikwe ibe yisibambiso, enikiwe njenge diphozithi, eqinisekisa ukuthi ephelele iseza. Sikhokha idiphozithi yempahla ukuqinisekisa umthengisi ukuthi sizimisele ngokuthenga.  Idiphozithi yethu iqinisekisa ukuzimisela kwethu ukukhokha imali ephelele ngesikhathi esiyiso. Kanjalo noMoya Ongcwele kaNkulunkulu uyisi “bambiso” noma isiqiniseko. Uyisibambiso sikaNkulunkulu sensindiso yethu thina esikholwayo. Manje cabangisisa. UNkulunkulu angasijika yini isithembiso sakhe engasenzanga ngokupheleleyo, ifa elipheleleyo? Angaphula uphawu lwesithembiso sakhe na? Ukuba ubengazigcini izithembiso zakhe. Kodwa uNkulunkulu uzenzenjani izethembiso? Uyazephula izethembiso zakhe? Uyoke? SOZE!!

Ngakhoke siphawuliwe ngophawu lesithembiso sikaMoya Ongcwele  ohlala kubo bonke abazalwane,  kunjengokucindezela ukusayina abakhe bonke. Bemakiwe njengalokhu okungokwakhe, kwabekwa impilo yabo yaphakade ngaphansi kwegunya likaNkulunkulu uqobo lwakhe. UNkulunkulu unikile igunya uMoya Ongcwele njengesibambiso noma idiphozithi yokugcwaliseka kobukhona bakhe enkazimulweni. Lesi sithembiso sinesiqiniseko futhisimile, sinjalo nje singesaphakade njengoNkulunkulu uqobo! Silungile futhi sihle njengegama likaNkulunkulu! Siqinisekile njengegama lakhe! Futhi, Yini esiyaziyo ngezithembiso zakhe? UnguNkulunkulu omazwi akhe akafeyili! UnguNkulunkulu owenza lokhu asitshela ukuthi uzokwenza. Ukungabaza ukuthi uNkulunkulu uyabagcina abaphawulile ngesithembiso noma ngesibambiso ukungabaza ukuthembeka kukaNkulunkulu uqobo lwakhe.

Ngicela ungivumele ngikuvezele umehluko omkhulu phakathi kwenkolo yebhayibheli kanye nazo zonke ezinye izinkolo ezikhona. Ibhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu ongcwele, ocolekileyo, ongasifuni nakancane isono.  Lona futhi ibhayibheli liphinde liveze ububi bawo wonke umuntu, nenhliziyo embi, engayimbi nje kuphela kodwa “engumkhohlisi” (uJeremiya 17:9). Igebe phakathi kukaNkulunkulu ongcwele nabantu ababi lukhulu kakhulu futhi alilungiseki ngokuqhamuka ngasohlangothini lomuntu. Lapha kunomehluko omkhulu. Ezinye izinkolo zinikela “konkulunkulu” bazo ukuqikekela okukhulu, noma imikhuleko nezinkonzo ezithile ukuze bezokwamukeleka.  Kodwa ibhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu ongcwele nabantu ababi abangasoze bakwazi ukuzibeka belungile phambi kukaNkulunkulu noma sebenza okuhle. Ububi obusenhlizweni yomuntu buma endleleni yakhe yokubuyisana noNkulunkulu ohlangothini lomuntu. Isikhathi asisekho! Alikho inani lokwenza okulungile okungahlanza izono zomuntu. Ngaphandle kokuba isono somuntu sixolelwe sihlanzwe nguNkulunkulu, alikho ithemba! Kanti futhi, alikho ithemba kumuntu ngalomsebenzi.

UNkulunkulu kudala wabeka umuqathango othi ngaphandle kokuchitheka kwegazi, akukho ukuthethelelwa kwezono (uLevitikusi 17:11; kumaHeberu 9:22). Ngokubheka kukaNkulunkulu, ukufa okufanele isono. uNkulunkulu ngomusa, wathumela indodana yakhe ukuba izofa endaweni yomuntu.  UJesu wavumela isijeziso nokufa okwakufanele umuntu ukuba kubekwe kuye mhla ehlupheka esiphambanweni. Wayengekho ntekenteke lapha. Wavumela ukufa kwakhe esiphambanweni ngoba enomusa, ukuze ezothwala amandla esono awamukise ngokufa kwakhe. Wakuvumela kwenzeke okwenzeka ukuze ezovukela ekunqobeni enamandla phezu kokufa, kuze kube phakade. Wakuvumela okwenzeka ukuze bonke abama naye bangabhekani nokuhlulela kukaNkulunkulu ngezono zabo. Manje kuJesu Kristu, ngokukholwa nguye, umphefumulo uthola ukuxolelwa kwezono ngendlela eyodwa okungenzeka ngayo, hhayi ngemisebenzi yakhe kodwa ngokwamukela isipho samahhala esivela kuNkulunkulu. Ngokuba “Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu inkosi yethu” (kwabaseRoma 23:6).

Kungaba lokuthethelelwa kwamahhala kwenza umzalwane ukuba akhululeke ukuphila impilo yokona na? Qha. Yenza umzalwane weqiniso abe nothando, umntwana kaNkulunkulu ogcwele izibongo, ofunda ukungamoni uNkulunkulu ongcwele osemazulwini, angamoni ngokona okuqhubekayo.

Manje ngicela uqonde ukuthi uNkulunkulu uyaligcina noma uyalimela izwi lakhe, izithembiso zakhe ezinhle kanye nokukhuza kwakhe ngokunjalo. Uma esinikeza isiqinisekiso kuJohane 3:16 sokuthi “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa ukuze kube yilowo nalowo okholwayo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade” Kukhona izinto esizaziyo futhi esinesiqiniseko ngazo ngenxa yezwi lakhe. Siyazi ukuthi labo abakholwayo, abamukele uJesu bayosinda ekwahluleleni kukaNkulunkulu, kunalokho, bayothola ukuphila okuphakade. Futhi siyazi ukuthi labo abanqaba ukukholwa bayobhubha nakanjani! Uzokwenzenjani ngezwi eliyiqiniso likaNkulunkulu ophilayo na?

Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uyakusindiswa” (Izenzo 16:31)

Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe” (ngokukaJohane 1:12)

 

~~~~~~~~~~~~~~

Uma ungathanda ukuthola ingxoxo eyengeziwe maqondana naloludaba  lesiqiniseko ngempilo yaphakade, ngezimpendulo zethu zebhayibheli ungacela incwadi emahhala esihloko sithi “Ngibanika ukuphila okuphakade