WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

UNkulunkulu Wempilo

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

UNkulunkulu Ukhulumile Ngokuhushulwa Kwezisu

 

Ngomhlaka-22 kuMasingana ngonyaka wezi-1973 inkantolo ephakeme yaseMelika yanquma ukuthi owesifazane unamalungelo ngomzimba wakhe, kangangokuba kwafika ekutheni angasihushula nesisu. Ngaso leso sikhathi, inkantolo ephakeme eMelika yanquma nokuthi “Ubuntu obusemthethweni abukho usayihlule”. Ngamanye amazwi uma usayihlule usesiswini awusiye umuntu ungakazalwa. Kusukela ngalolosuku izinkulungwane ngezi nkulungwane zabantwana abangakazalwa babulawa imihla ngemihla ezweni labakhululekileyo, ikhaya labanesibindi. Namanye amazwe amaningi asenza okufanayo nalokhu ngokwezinqumo zezishayamthetho.

ENingizimu Afrika yayimithathu nje iminyaka kungene uhulumeni omusha enyangeni kaNhlolanja kowezi-1997 kwaphasiswa umthetho oyi “lungelo lokuhushula isisu”. Lokho kwavula indlela yokuthi abantu bafune ukukhipha izisu eNingizimu Afrika. Kwavunyelwa abaphathi balelizwe ukuthi emasontweni ayi-13 owesifazane akukhathali mungakanani okhulelwe angakwazi ukuhushula isisu kungabuzwa mibuzo, ngale kokukhuluma nabazali uma umntwana esengaphansi kweminyaka, kungabuzwa ngisho umyeni mengabe ushadile. Kusukela emasontweni ayi-13 kuya kwangama-20 owesifazane kumele aveze isizathu sokufuna ukuhushula isisu. Lokhu kulula nje ukukwenza, kumele aveze ukuthi akamile kahle ngasezimalini ukuthi angaba nomntwana.

Ukuhushulwa kwezisu kungokukhalisa kakhulu osekuke kwazwakala sisadla anhlamvana. Lokufa noma ukubulawa kudlula yonke imishophi esike yavela kubantu. Ngonyaka wezi-1990 udokotela James Dobson wabhala ukuthi “Thina eMelika nalenkululeko yethu nokuvikela abantekenteke sesibulele izinkulungwane ngezinkulungwane zemiphefumulo engenacala! Sizibulele ngesihluku sabaqoba ngaphandle kozwelo sabaqeda bengaphakathi eziswini zomama. Nkosi yami! Sixolele ngalobubi! Siyazi ngokwezibhalo ukuthi uNkulunkulu unomusa ongapheli nesihawu kubantwana abancane asibusise ngabo. engabe uzizwa kanjani manje. Njengoba sichitha igazi uma kuthanda thina noma sibheka isimo somnotho?” Asikwazi ukuvele siyizibe kalula nje lendaba, kukhulu lokhu.  Into azikhathaza ngayo okholwayo umbuzo wokuthi lithini izwi likaNkulunkulu. Akusho lutho ukuthi abaphathi namajaji bathini. Akusho lutho ukuthi abashayimthetho bashicilele bathini ngalokhu. Akusho lutho ukuthi umzali noma umfundisi uthini kulokhu. Kepha uNkulunkulu uthini ngaloludaba lokuhushulwa kwezisu.

Lesimiso esibalulekile siyatholakala kwincwadi izaga 29:18,

“Lapho kungekho mbono khona, abantu bayadlubulunda, kepha ogcina umthetho ubusisiwe”

Manje kumele siqonde ukuthi uma ibhayibheli likhuluma ngombono likhuluma ngesambulo sikaNkulunkulu esiza kithi ngabaphrofethi. Ingxenye yesibili yalelivesi iyasikhanyisela lapha. UNKulunkulu uyasitshela ukuthi lapho amazwi akhe engakhulunywa abantu bayabhubha noma baholekela ekubhubheni.  Ngakho ke siyadinga ukwazi kahle ukuthi uNkulunkulu utheni, ngoba amazwi akhe yiwo agcinanayo futhi abalulekile empilweni.

Manje ngabe uNkulunkulu uyakhuluma ngokuhushulwa kwezisu? Kungaba ukhuluma ngokusobala? Hlala nami lapha mngani wami sithole izimpendulo. Kodwa qonda ukuthi kukhona indlela ejwayelekile kubantu, abanye babo abazibiza ngamakholwa, abazalwane.  Abantu babona izinto ezisebhayibhelini ezingabathokozisi bathi azicacile. Indlela endala yamaqhinga abo lena. “Njengoba nje kungacacile ebhayibhelini ngakho ke sekukumuntu nonembeza wakhe”, baningi abasheshe bakusho lokho. Ngokungafuni ukulalela uNkulunkulu bayazikhahlela izinto ezibabophayo konembeza babo. Omunye umbhali ongumkristu wabhala ukuthi “Ibhayibheli lisitshela ukuthi …Konke okungaveli ekukholweni kuyisono” (KwabaseRoma 14:23). Uma umuntu noma umndeni bengenakho ukuthula ngenxa yokuhushulwa kwesisu kumele bakunqabe. Kwelinye icala uma bethola ukuyalwa, bakhuleke, bacabangisise baze bafike kwisinqumo sokuhushula abanye akumele babahlulele. Leyo akusiyona indlela yethu. Siyatshelwa nje kwincwadi yabaseRoma 14 ukuthi akumele sahlulele uma ibhayibheli lithuli. Uyabona? Ukwamukela ukuvaleka kwamadlebe okuncane nje kuhamba ibanga elide uma ufuna ukuthula. Kepha njalo uma sithengisa ngeqiniso nganoma yisiphi isizathu kukhona ozolimala. Lapha sikhuluma ngengane encane engasizwa ngumuntu, “ivikelekile” esiswini sikamama wayo. Cha mnganami, hhay kanjalo! Kumele siye ezwini likaNkulunkulu nganoma iluphi udaba ngenhliziyo ehlanzekile, efuna ukuzwa iqiniso likaNkulunkulu. Uma ibhayibheli likhuluma ngokucacile kulokhu, ukuhushulwa kwesisu angeke kuyekelwe esandleni somuntu nasekukhetheni kwakhe. Asihambe siye kuNKulunkulu ngenhliziyo ehlanzekile siyofuna izimpendulo.

 

Ngcwelisa Impilo Yabantu

Kumele siqonde ukuthi izwi lenkosi liveza abantu njengalokhu okungcwele, Ngenxa yezizathu ezithile. OKokuqala, ngokuba umuntu wenziwe waba ngumfanekiso kaNkulunkulu. Siyakhunjuzwa lokhu ebhayibhelini kawu6, okune kulokhu okuyisithupha esikhunjuzwa kona ebhayibhelini kusencwadini kaGenesise;

  • Ugenesise 1:26 – “UNkulunkulu wathi: masenze abantu ngomufanekiso wethu, basifuze”.
  • Ugenesise 1:27 – “UNkulunkulu wamdala umuntu ngomufanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu”.
  • Ugenesise 5:1 – “Mzukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNKulunkulu”.
  • Ugenesise 9:6 – “Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe”.

Inkosi igqamisa lokhu kulesihloko kwincwadi yokuqala. Umuntu akumele achithe nje igazi lomunye umuntu ngokuba uNkulunkulu umenze ngomfanekiso wakhe.

Esinye isizathu sokuthi impilo yomuntu ibengcweleyingoba iyisipho esivela kuNkulunkulu;

  • Amahubo 100:3 – umbhali wamahubo uthi, “Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu, nguye osenzileyo, akuthina”.
  • Amahubo 127: 3 – “Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo”. Kuvezwa kabili lapha ukuthi abantwana bavela esandleni senkosi, impela “umvuzo”.

Futhi nje ukwakheka komntwana esiswini kungumsebenzi wezandla zikaNkulunkulu. Cabanga ngezibonelo eziningi ezifuze lesi ebhayibhelini;

  • USara – “UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe…uSara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana” (Ugenesise 21:1-2).
  • URebeka – “U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba, uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa”. (Ugenesise 25:21).
  • URuthe wayeyinyumba emshadweni wakhe wokuqala. Kodwa ke kuBowazi “UJehova wamnika ukuba akhulelwe, wazala indodana” (URuthe 4:13).
  • UHana – “UJehova wamkhumbula” (1 USamuweli 1:19) ngokwemikhuleko yakhe enxusa wakhulelwa, “UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili” (1 USamuweli 2:21).

UNkulunkulu onikezela ukukhulelwa, Lokhu kusho lukhulu! Abantwana bayisipho esivela esandleni sika Nkulunkulu, ngisho “ifa” noma “umvuzo”. Ngakho ke impilo yengane kumele ithathelwe phezulu.  Uma ukukhulelwa nengane kunikwa, uNKulunkulu uqobo okunikezayo. Ngakho ke uma umuntu ephazamisa ngendluzula isipho sikaNkulunkulu ngesenzo sokuhushula isisu, akagcini ngokuba umbulali ongenanembeza obulala ingane engakwazi ukuzivikela edinga ukuvikelwa nguye kodwa umelana nomsebenzi kaNkulunkulu uqobo, isipho esingenalo inani. Maye kwabazidlayo!! Maye kwabangenaNkulunkulu “abaqhubekayo” uhulumeni ophasisa lobu bubi.

 

Umntwana Esibelethweni

Asibheke futhi umntwana esibelethweni. Kwincwadi Amahubo 139 sithola incazelo kaNkulunkulu enhle kakhulu yomsebenzi kaNkulunkulu ngapambi kokubeletha. UDavide umangazwa umsebenzi wezandla zikaNKulunkulu omkhulu nokunakekela kwakhe okumangalisayo. Bheka kuvesi 13-16;

  • Ivesi le-13 “Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame.”
  • Ivesi le-14 “Ngiyakubonga ngoba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.”
  • Ivesi le-15 “Amathambo ami ayengafihlekile kuwe. Lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.”
  • Ivesi le-16 “Amehlo akho angibona ngisayihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa lungakafiki nolulodwa kuzo.”

Kuningi kangakanani esingakusho mayelana nalezinto ekukhulunywa ngazo lapha. Kodwa bheka nansi imibuzo emibili ebalulekile;

  • Ubani obumbayo esibelethweni?
  • Ubani obunjwayo?

Ngaleliwindi sibona umsebenzi kaNkulunkulu esibelethweni;

  • Ivesi le-13 – “Ngokuba wena uzenzile izinso zami”.
  • Ivesi le-13 – “wangaluka esiswini sikamame”.
  • Ivesi le-14 – “Imisebenzi yakho iyamangalisa”.

Ngokusobala, kwisibeletho yilapho uNkulunkulu esebenza khona, yena uqobo ekusithekeni, ezindaweni ezijulile wakha impilo yomuntu. Kanti futhi, lalelisisa indlela uDavide azichaza ngayo lapha, lelo yilona phuzu. Uziveza yena ebhala eqhutshwa uNkulunkulu. UDavide akakhulumi ngokuqhubeka kwenzeke esiswini kodwa ngokuqala ukwenzeka komzimba. kukhona impela lokho kodwa buka yena uziveza kanjani lapha, yena muntu. Lalela igama elimmchazayo “zami” kuvesi le-13.  No “amathambo ami” (ivesi le-15) “ngisayihlule” (ivesi le-16). Uyezwa? uDavide uveza Ubuntu obunzulu kulengxenye. Akusiwona nje umzimba kamama wakhe, okungaholela ektheni enze noma yini ngawo. Yebo isibeletho sikamama wakhe kodwa umzimba okaDavide. Impela uDavide lokade enziwa yinkosi, imubumba imuhlanganisa. Siyaphoqeleka ukuthi  sibone umehluko wezimpilo zabantu ababili, phakathi kukamama kanye nomntwana. Lokhu kuchaza ukuthi ekuhushulweni kwesisu umama wenza isinqumo ngempilo yomunye umuntu ekungasiyona eyakhe. Lesi akusona isinqumo asenza ngomzimba wakhe kuphela.

Buka ezinye izingxenye ebhayibhelini ezikhuluma ngalokhu;

  • Amahubo 51:5 – “Bheka ngazalelwa ebubini; umama wangithabatha esonweni” – futhi, ubani owathatshathwa, uDavide uthi “ngazalelwa”, “wangithabatha esonweni”. Umuntu uDavide wayekhona, hhayi umzimba nje kuphela.
  • U-Isaya 49:5 – “…UJehova owangibumba kwasekuzalweni” – UNkulunkulu owabumba, hhayi umuntu “owangibumba”
  • UJeremiya 1:4-5 – “…ngingakakubumbi esiswini ngakwazi, ungakaphumi esiswini ngakungcwelisa” lapha siyabona ukuthi uJeremiya akaqhamukanga ngokwemvelo yokuhlangana kwabantu ababili. UNkulunkulu wayekhona, esemsebenzini wokumakha esibelethweni sikamama wakhe. Futhi kwakungumuntu, uJeremiya, ebunjwa. INkosi yamazi engakabi namandla okwazi; Lezi akuzona nje izinto ezikhulunywa ngongemuntu, ihlule nje.
  • NgokukaLuka 1:41-44 kukhulunywa ngoJohane umbhabhadisi esasesibelethweni sikamama wakhe;
  • Ivesi lama-41 – “Kwathi ukuba u-Elisabethe ezwe ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esiswini sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya Ongcwele”,
  • Ivesi lama-42 – “Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi “ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho!”
  • Ivesi lama-43 – “Ngehlelwe kanjani yilokhu kokuba unina wenkosi yami ahambele kimi na?”
  • Ivesi lama-44 “Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula”.

UJohane, engakazalwa, enezinyanga eziyisithupha esiswini wabonisa ukubona kanye nenjabulo yokuhlangana noMariya owayethwele uJesu kwesakhe isibeletho. Lokhu kuphikisa ukuthi kwakungemuntu okhona esibelethweni sika Elisabethe.

Sitholani kulokhu esikubukayo? Ukucaciseleka! OKukhulu ukucaciseleka lokhu kuloludaba lokuhushulwa kwezisu ngakho-ke ibhayibheli alithuli kulokhu. Sitholani? Ukuthi uNkulunkulu uqobo usuke esebenza futhi ekhona ekwenziweni kwempilo yomuntu osuke engakazalwa. Lokhu kwenza ukuthi ukuhushulwa kwesisu kube ukuhlokoloza uNKulunkulu ehlweni, ukumelana naye ngqo emehlweni umdali. Cabanga ukuba ubaba wakho ubelungisa amawashi. Wena njengengane yakhe uye lapho esebenzela khona ngelinye lamalanga, ufike ubone amawashi ebekiwe kahle afakwa namalebuli kubekwe kahle etafuleni lakhe, uvele ungene wena uqonde ngqo, ufike ushanele yonke leyonto kanye nje uyiwisele phansi. Uyacabanga ukuthi angaphatheka kabi kanjanjani? Kunjaloke uma kufika abangamenywanga befika bejivaza umsebenzi wobuchule bukaNkulunkulu, bewususa noma ikanjani esandleni sakhe ngendluzula, umsebenzi wakhe omangalisayo asebenza kuwo ngisho namanje.

Siyathola impela ukuthi kusuke kuwumuntu ophelele ngisho kuleso sikhashana esibelethweni. Impilo esibelethweni impilo yomuntu impela, enobungcwele uNkulunkulu abunikeza impilo yomuntu. Lokho kwenza ukufa kwabo kube ukubulala ngesihluku umuntu ongenacala, umuntu olungile kakhulu oluntwini lulonke, engekho omsizayo, ongeke one omunye.

Manje singenzenjani ngalokuhushulwa kwezisu? Siqala ngokukubiza ngalokhu okuyikho – ukubulala! Sibe sesibhekana nabo ngqo lobu bubi uma ithuba livela., senze konke esingakwenza ukuvikela impilo  yomntwana ongakazalwa ngokuba bayakudinga lokho. Siya ngothando kulabo abakhulelwe izingane abangazifuni, kanye nalabo asebezibulele izingane ezingenacala, ababuhlungu. Siya ngentobeko, siqonda ukuthi abasizona izoni ezinkulu kakhulu okudlula thina. Ukwazi kanye nokudlulisa ulwazi kumele kube yilokhu esiphikekela kukho, sishumayele iqiniso, simele labo abangakazalwa.

Qonda futhi ukuthi iqiniso lokwelapha izimpawu ezokwelapha isimo sokuwa komuntu nesimo esisemvakwakhe. UKuhushulwa kwezisu kukhomba inhliziyo engahlanzekile, engahlanguliwe. Emelana necebo likaNkulunkulu negunya lakhe. Ukushunyayelwa kwevangeli likaJesu yikona okuyoba yikhambi uma sibhekene nalesihlava sokuhushulwa kwezisu. KwakunguNkulunkulu owasithungela ndawonye ngenkathi sakheka esiswini, wanakekela impilo yethu kulezo zigaba zokuqala, ebheka izidingo zethu. Nguye futhi uNkulunkulu owathumela indodana yakhe ngomusa ukuthi ife ukufa eyayingakufanele, endaweni yethu!

Kungabe sewake wabandakanyeka ekuhushulweni kwesisu? Kungaba uNkulunkulu uyasebenza enhlizweni yakho kumanje, ekuholela ekuphendukeni okuyiqiniso ngenxa yobubi bakho? Bubi kangakanani impela! kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu woxolo. Abukho ububi eseke babonakala kunalokhu abakwenza kuJesu. Kodwa wakuvumela azi kahle ukuthi ngokubekezelela ukuhlulelwa endaweni yakho, uNkulunkulu wenza indlela yokuthi izono zakho zisuswe “Njengenhlukano yempumalanga nentshonalanga”. KuJesu “ziba mhlophe okudlula iqhwa”. Kunokukhululwa okumnandi ezonweni zethu kanye nesazela kuJesu Kristu! Vuma kuye ububi bento oyenzile. Iya kuye njengesoni impela. Mamukele njengomsindisi wakho ezonweni afuna ukuba nguye. Emuseni wakhe omangalisayo ukulindele ukukwamukela njengesoni esigcine siza kuye ekugcineni sizohlanjwa.