WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Kanye Nami ePharadesi

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

UJesu wafa nabaphangi, amadoda amabili ayegwetshiwe ebethelwe Kanye naye, ezinhlangothini. Isithombe esivela kulabaphangi ababili abafa noJesu izindlela zabantu bonke. Njengoba ibhayibheli liveza, “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23) wonke umuntu kithina uyisoni phambi kuka Nkulunkulu, njengoba kwakunjalo kulezoni. Nathi sibanjiwe siyafa njengoba babefa, bengenandawo Phakathi kwezulu nomhlaba, bengafunwa emhlabeni phansi nasezulwini phezulu.

Kulaba ababili abafayo ngaphandle kukaJesu sibona umphumela wevangeli kubantu. Njengoba abantu bonke beseduze kwempendulo kaNkulunkulu ngezindaba ezinhle zikaJesu ezaziwayo kubantu. Njengoba sibona kulaba bobabili, abanye baphendukela kuJesu, bakholwe umyalezo wevangeli, abanye bayalinqaba, baze balidelele, bafe bengabuyisene noNkulunkulu. Bobabili babesesimweni esifanayo, bebona, belalele, bezwa into eyodwa. Omunye wakholwa kwaba ukusindiswa omunye akangakholwa kwaba ukulahlwa kwaphakade. Kulomunye ivangeli likaJesu laba “Yiphunga lokuphila, kube ngukuphila, komunye iphunga lokufa kube ngukufa” (2 KwabaseKorinte 2:16).  Ngicela ubheke nami indaba yalaba ababili abafa Kanye noJesu ebhayibhelini, incwadi ngokubhala kukaLuka.

NgokukaLuka 23:39 – “Njalo esinye sezelelesi ebeziphanyekiwe samhlambalaza sathi: “wena awusiye uKristu na? zisindise Kanye nathi.”

selelesi” ichaza ukuthi menzi wokubi. Laba kwakungabaphangi abagwetshiwe. “Uma unguKristu, zisindise, usindise nathi”  kufuna lomunye. “uma unguMesiya wesithembiso bonakalisa amandla akho ngokuzikhulula ekufeni. Lokhu kwakhulunywa ngendelelo ngokuba lomuntu wayenziwe lukhuni kuze kube sekugcineni. “Uma unguKristu”  wathi “uma” lawo kwakungamazwi endelelo ayekhona olwimini lonke olwalukhona ngalowamuhla. UJesu wayebhekene nokungatshazwa nhlangothi zonke. Ubuntekenteke bakhe kwabekuyindaba yawo wonke umuntu. Bonke babecabanga ukuthi uma engazisindisi yena wayengakwazi ukuzisindisa. Uma engakwazi ukuzisindisa yena wayengeke akwazi ukusindisa abanye. Akubafikelanga laba ababebuka uJesu ukuthi wakhetha ukufa ukuze indlela yensindiso izovulekela abanye, ngokufa kwakhe endaweni yabo nangokuvuka kwakhe. Lelizwi lokungabaza kubo bonke ababekhona ngaloluyasuku kwakuyicala Labantu kulandela ukuholwa ngabantu,kubona ukubheka kwabantu abaningi njengenhlalayenza. Kodwa  uma umuntu ezoba nesibusiso sikaNkulunkulu kumele afune ukuzwa izwi lakhe ngaphezu kwalokho okushiwo ngabantu, inzwabethi. Kwaba khona owalalela kanjalo oyedwa ngalelalanga.

NgokukaLuka 23:40 – “sase siphendula esinye,  sasithethisa sathi: nawe awumesabi uNkulunkulu, ingani ukulokhu kulahlwa nawe na?

Nasi esinye iselelesi, indoda ekulungele ukukholwa ekugcineni ku Jesu. Uyabona ukuthi ngisho igama lakhe alinikwanga? Longenagama kungenzeka wayengumuntukazana nje, ngokuba wayeyiselelesi, ebanjiwe, wahlulelwa. Kepha lana siyambona lomuntukazana ezitholela isipho saphakade esivela kuNkulunkulu ngezinto nje ezimbalwa;

  • Ulwazi olulula lobubi bakhe nentshisakalo yokukuvuma lokho.
  • Ulwazi olulula lokuthi ungubani uJesu.
  • Ithemba elilula lokuthi uJesu angamsiza.

Kepha, njengoba sithola ngokushesha, ngazo lezizinto ezincane lendoda izoba “naye” uJesu ePharadesi.

NgokukaLuka 23:41 – “Thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene, kepha lo akenzanga lutho olubi.”

Leli yiqiniso ngqo, lesivumo. Sikuphi vele isidingo sokulokhu uzama ukucasha okungathi shu uma impilo yomuntu isilapha? Bheka kahle ukuthi lendoda beyazini ngayo;

  • Yayazi iphile impilo yobubi futhi yavuma isono sayo, ingakhombi abanye ngomunwe.
  • Yayazi ithola ubulungiswa ekufeni kwayo. Lokhu okwakuyifanele.
  • Yayazi inesizathu sokusaba uNkulunkulu. Yayisizofa maduze ihlangane nomenzi wayo, yayilesaba kufanele leloqiniso nenhlangano.
  • Yayazi ayibufanele ubukhona bukaNkulunkulu,idinga umusa kaNkulunkulu.
  • Yayazi umoya wayo woqhubeka uphile emva kokufa.
  • Yayazi ayinakho kuyo ukwazi nokuba noNkulunkulu ngokwayo.

Lendoda yayiyilo loluhlobo uJesu azele ukuzolufuna nokulisindisa. “Ngokuba angizanga ukubiza abalungile kepha izoni ukuba ziphenduke”, kusho uJesu (kuMathewu 9:13).

NgokukaLuka 23:42 – “sase sithi: Jesu, ngikhumbule nxa usufika embusweni wakho

Ngikhumbule” nxa usufika embusweni wakho. Uyawuzwa umehluko oyisimanga? hhayi “uma”  kulona “nxa”. Njengoba ukungabaza kwakumuhaqile, lendoda yalandela ukuhola kukaNkulunkulu kunokwabantu. Ngenkathi abanye babekhuluma amagama aziswana ngo Jesu waseNazaretha, lendoda yodwa yama naye. Kwakulungile ukuba yenzenjalo!  Kunesifundo esibalulekile lapha. Buka nje uquqaba lalusohlangothini olungaqondi. Angeke ulandele imibono yabantu emphakathini, ulindele ukuthola iqiniso likaNkulunkulu noma okuhle. Lendoda kwamele imelane nendlela isixuku esasibuka ngayo uJesu. Kepha kwaba nguye yedwa ngalela langa owaba nokuqonda ekuboneni kwakhe.  Kwaba nguye yedwa owaba noJesu ePharadesi! Lendoda yaphendukela kuJesu msalofu kungengamagama okungabaza olwimini layo kodwa ngokuvuma izono zayo. Kwaba yilemfihlo! Iyindlela yokunqoba! Iyimpendulo! Ukhiye! Iyona futhi indlela neqiniso esavulekele abantu kwanamuhla.

Yayazini lendoda ngoJesu?

  • Yayazi uJesu akenzanga lutho olubi noma okuphambene, yize noma kwakungathi unecala njengabo.
  • Yayazi uJesu uyaphila, usazophila futhi yize noma ukufa kwakhe kulesiyasikhathi kwakuqinisekisiwe.
  • Yayazi uJesu uya embusweni wakhe, yize noma kwakusabukeka kungathi wehlulekile.
  • Yaqonda ukuthi kuyobe kungowakhe (“Wakho”) umbuso, ukuthi unguMesiya onelungelo embusweni ozayo.
  • Yaqonda ukuthi uJesu ngokweqiniso umuntu ofanelwe, kunokuba yisigebengu okwakubukeka sengathi uyiso.
  • Yayazi ukuthi isango lokungena embusweni kaKristu selivulekile kubantu, ukuthi uJesu unesabelo kulowo mbuso.
  • Yayazi ukuthi angeke ingene embusweni ka Kristu ngokwayo, idinga imvume ka Kristu, abengummeli wayo. Yaqonda ukuthi abanye bayongena, abanye abayongena.
  • Yayazi ukuthi uJesu angamukela ngisho ofana naye! Ngakho ke yaqonda kumbe yathemba ukuthi kuyenzeka kuJesu futhi uyaxolela ngokwendalo yakhe.
  • Yayazi ukuthi ekwamukeleni kwayo ukwamukelwa uJesu, Iyokwamukeleka nakuNkulunkulu. Wayengonanga kuJesu uqobo endleleni yakhe yokuphambuka, kodwa wafuna ukungena ngoJesu engathi wayecela kuNkulunkulu ayemonile.

Kungakanani eyakuqonda lendoda!

Esikutholayo emkhulekweni walendoda olula isicelo. Akaceli ukusindiswa kulesisiphambano, ngoba siyisijeziso esimfanele ngenxa yezono zakhe. Akaceli ukwenzelwa lula ukuhlupheka kwakhe kwalesikhathi. Ubheka kokungaphezu kokomhlaba. Ucela nje ukwamukeleka emva kokufa kwakhe. Ngokukholwa ezithembisweni zikaNkulunkulu ngezinto ezizayo, wabambelela esibusisweni esizayo. Futhi wasithola!

NgokukaLuka 23:43 – “Wathi kuso, ngiqinisile ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzakuba nami epharadesi.”

Kanjalo nje! Impendulo kaKristu yaba ngokushesha, kuveza ukulangazelela kwakhe ukunika impilo ephakade kulendoda, engenayo ngisho into eyodwa empilweni yayo engayinika uNkulunkulu. Lendoda kwamele icele nje kuphela!

Uyabona kodwa ubuhle obumangalisayo okungaphezulu lapha? uJesu wanikeza lendoda okungaphezu kwekucelile noma ebinethemba lakho? uJesu uthi;

  • Ngeqiniso noma ngiqinisile – Ngale kokungabaza! Kwakungekho ukungacaci kahle ukuthi lendoda izotholani kuJesu.
  • NamhlanjeNgale kokubambezela! Hhayi ngisho isikhashana, usuku oluthize, uma uJesu ekugcineni eza embusweni wakhe. Kuzokuba “namhlanje”, lingakafiki ikusasa, ngisho nobusuku.  Bheka kahle indlela kaJesu yokufuna umphefumulo. Uma umuntu eza kuye ngokukholwa kuphela kuba “kakhulu kakhulu ngaphezu kwalokhu esikucelayo noma esikucabangayo”! Lendoda ayitholanga isicelo sayo nje kodwa yathola ngaphezu kwesicelo sayo.

………………………………………………….

Okuseceleni

Bheka futhi ukuthi amagama enkosi asho ukuthini futhi lana. Ngesikhathi sokufa somzimba osindisiwe umphefumulo “ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni, sihlala ekhaya elisenkosini” (2 KwabaseKorinte 5:8). Ngendlela efanayo ekugcineni kukaLuka 16 sibona umphefumulo kaLazaru uthathwa uyiswa esifubeni sika Abrahama. Ngakho imphefumulo yalabo abafa bekholwa kuJesu banokuphila emvakokufa, Abaqedwa. Futhi bayaqonda emvakokufa. Akukho ukulala komphefumulo njengokusho kwabanye. Labo abafela kuJesu babusiswa ngemfudumalo ebukhoneni benkosi, ngokuphazima kweso.

Manje amanye amakhatholika achazayo abuye axege ngokuchaza lana. Ngokusobala nje uJesu uma ekhuluma ngepharadesi “namhlanje” kuyisinambuzane kwisibhakela esihlanzweni. Asikho isikhathi sokushintsha, kodwa “namhlanje”! Asikho isikhathi sokuhlanjwa ngaphambi kokuba uye ePharadesi. Namhlanje! Ngomzuzu nje lendoda iphefumula okokugcina, yaba noJesu ePharadesi. Ekuzameni ukubuka amazwi kaKristu lana baphambanisa imibhalo bayenze ithi, “Ngiqinisile ngithi kuwe namhlanje, uzakuba nami ePharadesi”. Lokhu kuzama ukuchaza ngalendlela kususa isiqiniseko senkathi yalokuba. Lobuqhophololo buyafana nezimfundiso zofakazi bakaJehova. Lokuhlanazela kwabo kubhaliwe ebhayibhelini labo, ihumusho le “new world” ngolwasemzini, efundeka ngokuthi, “Ngeqiniso ngiyakutshela namhlanje, uzoba nami ePharadesi.” Lomqondo wabo wokuthi uyalala emva kokufa udonsa kanzima impela. Kepha yini eyenza uJesu atshele indoda ukuthi namhlanje?  Namhlanje engabe? Kahle hle indoda beyazi ukuthi uJesu ukhuluma nayo namhlanje. Awudingi ukuthi uze ukhathazeke ufune ukucubungula uze uye kumahumusho afana nalawa anganakuthenjwa. Akekho umuntu ongafuna ukufunda lamagama ngalendlela efakwa ngenkani ukushutheka inkolelo engamanga ephikiswa ngalamazwi.

…………………………………………………

 

UJesu wayiqinisekisa lendoda ngalokhu;

  • Kanye Nami” – Ukuthokoza okukhulu! Lesi yisikhathi sokujabula kahulu kulabo abasindisiwe kuphela. Kithi esimaziyo futhi esimthandayo uJesu lokhu kuyikho konke!
  • EPharadesi” – Hhayi iphupho noma imicabango nje. Igama iPharadesi liza nomqondo wokuhlala engadini noma emhlabeni othokozisayo, kusikhombisa I Ideni. Leligama lisho lendawo yokuhlala yemiphefumulo yabalungileyo emva kokufa. UJesu usebenzisa leligama encwadini yesambulo 2:7 uma ekhuluma ngezulu. Ngokukhombisa kwakhe ukukholwa uJesu wanika lomphangi indlela yokungena endaweni lapho abalungileyo abafa behlala khona, lapho uJesu ezoba naye khona.

Manje ake sibheke kancane impendulo emangazayo yalendoda. Cabanga nezinto ezazingama endleleni yayo

yokukholwa kuJesu njengokuba enza;

  • Futhi, indawo nababemuzungezile nemibono yesixuku kwakumelene nenkolo yakhe. Bonke ababekhona babeveza ukungabaza uJesu. Kuso leso simo, inzondo, ukungakholwa nokudelela kwakudle lubi. Yikho lokhu amaJuda namasulumane akukhombayo. Bathi uJesu waziveza entekenteke (emnene, engekho ntekenteke). Uma le bekuyindodana kaThixo, lokhu bekungeke kwenzeke,noma ke bekungeke kuphethe ngokufa kwakhe, yilokho abasitshela kona. Kuyindalo yomuntu yenyama ukulandela imibono yabantu nemvelo. Kodwa lokhu kudunga ingqondo yethu uma sikuvumela Lendoda yayilalela izwi lika Nkulunkulu!
  • Ngabe yaphenduka yazonda uNkulunkulu ngokuthi avumele ukuthi kwenzeke lokhu kuyo. Kodwa yathobeka. Yilomehluko! Kungabe lendoda yayiyolithola yini lelithuba lokukholwa nesibusiso saphakade sensindiso ukuba ayizange yehlelwe yilokhu okwayehlela? Hleze cha. Hhayi kulempilo eyayiyiphila. Makabongwe uNkulunkulu ngalesehlakalo, ngokuba sasindisa lona ekuhluphekeni okuphakade, Ukuba akazange ahlangane noJesu esiphambanweni, amthole efuna ukumamukela.
  • Wayengacabanga ukuthi mubi kakhulu, akafanele kakhulu ngisho ukucela ukwenzelwa isihle uJesu. Kodwa kunalokho weza, njengokuba uJesu esimema sonke ukuba size.
  • Wayengalokhu enake kakhulu lesimo sakhe senhlungu.
  • Wayengalokhu ezama ukuzibeka phansi asuse icala, akhombe komunye umuntu noma isimo sakhe ngokufeyila kwakhe.

Kodwa wavele waphendukela kuJesu ngokukholwa nje. Wathola!

Maningi amaqiniso akomoya atholakalayo kulendaba Phakathi kukaJesu nalendoda. Buka nje;

  • Lendoda yayingenalo ithuba lokuqinisekisa ukuthi ikholiwe kuJesu kube ukusindiswa. Akubalulekile nakancane ukuthi size siqinisekise ukukholwa kwethu ukuze ukukholwa kwethu kube yiqiniso.
  • Lendoda ayibanga nethuba lokwenza imisebenzi emihle. Yayiphanyekiwe izandla nezinyawo! ingakwazi kwenza lutho. Ngakho ke imisebenzi emihle ayisona isidingo sokwamukela insindiso nokuphila okuphakade esandleni sika Nkulunkulu.
  • Lendoda ayibanga nesikhathi sokubhabhadiswa, ukugcina isakhramente Kanye nemithetho ekumele iyenze. Ngakho ke akukho sakhramente nokugcinwayo noma umcimbi othile odingekayo ukuze uthole iPharadesi noJesu.
  • Lendoda ayikwazanga ngisho ukujoyina ibandla Ngakho ke amagama ethu kumagama abazalwane akanamthelela nomncane, awanakwenza lutho nokuba kwethu naye “lapho ubabiza abanye”

Lendoda eyayijabulile yavuma nje ububi bayo, yakholwa kuJesu ukuthi uyena yedwa ongayinika ukuphila okuphakade. Ngakho yasindiswa, yaqinisekiswa ukuba sePharadesi noJesu. Uma lokhu kuyiqiniso, ukukholwa okunesiqiniseko salo owayehlulelwe ongenagama, kunethemba ku Mnumzane no Nkosikazi noma ubani!

Mngani wami, sewenzile njengokuba lendoda yenza? Usuke wakhala ku Jesu ngePharadesi okunguye kuphela ongakunika, futhi ulinika wonke umphefumulo ocela ngokukholwa? uJesu wabethelwa wafa impela esiphambanweni, kepha wavuka ekufeni evukela ekunqobeni, futhi uyaphila kuze kube phakade. Manje uJesu uyakubiza “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza” futhi loyo “ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle” (NGOKUKAMATHEWU 11:28; NGOKUKAJOHANE 6:37)

 

“Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa (IZENZO 16:31) “Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe” (NGOKUKAJOHANE 3:36)

 

““““““““`

Ubani olungile?

“Akakho olungileyo, akakho noyedwa” (KwabaseRoma 3:10)

 

Ubani owonile?

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23)

 

Iyini inkokhelo yesono?

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu inkosi yethu” (KwabaseRoma 6:23)

 

Ubani owakhokha inhlawulo yecala lethu?

Kepha uNkulunkulu (uyabonakalisa) ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela”  (KwabaseRoma 5:8)

 

Ngingasindiswa kanjani kwisazela nenhlawulo yesono sami?

Ngokuba bonke abayokhuleka egameni lenkosi bayakusindiswa” (KwabaseRoma 10:13)