WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Isiqinisekiso Sensindiso

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

Wake wazizwa unokungabaza ngensindiso yakho? Hleze abazalwane abaningi sebeke bathintwa yilokhu empilweni yabo yobuKristu.  Manje singazi nje kodwa ukuthi sisindisiwe? Uma kunjalo, singazi nje kodwa ukuthi siphephile kuJesu? Lona umbuzo obalulekile ongawubuza. Lombuzo uthola ukwesekwa uPawulu kwincwadi  2 kwabaseKorinte 13:5  “Zihloleni nina, nibone  nisekukholweni yini”. Futhi nje qaphela ukuthi uPawulu akasho ukuthi “mengabe nisesekukholweni”. Ukuzifakela “mengabe” sekungasho ukuthi insindiso ibuye isiphunyuke.  Makabongwe uNkulunkulu ngokuthi angabikho u “mengabe”! Ukungabikho kwakhe kuwubufakazi bokuthi insindiso ayilele kwimisebenzi yethu. Kodwa kumsebenzi opheleleyo kaKristu esiphambanweni.

Manje isiqiniseko sokuthi sisindisiwe impela kumele sisithole ebufakazini beqiniso lensindiso. Isiqiniseko sokuqala uNkulunkulu asinika sona ukuthembeka kwakhe, okwambuliwe ezwini lakhe. Ukubeka ngokusobala lokho, asinako ukuhlakanipha noma isizathu sokumungabaza. Uthembisile ukusisindisa kanye nokusigcina sisindisiwe, yonke imiphefumulo ekholwa nguye. Sithembeke kangakanani isithembiso sikaNkulunkulu.

  • Babusisiwe bonke abaphephela kuyo” (Amahubo 2:12).
  • Ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye” (Amahubo 34:8).
  • “Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova” (Amahubo 40:4).
  • Jehova sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo” (Amahubo 84:12).
  • Onakekela izwi uyokufumana okuhle, nowethembayo kuJehove muhle” (Izaga 16:20).
  • Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova” (UJeremiya 17:7).

Uma sesilibekile ithemba lethu enkosini, kumele sikholwe ukuthi uzokwenza lokho athembise ukukwenza esibusisweni sakhe, noma ngabe sicabanga ukuthi akathembekile yini ezwini lakhe? Isiqiniseko  sokuqala sokuthi uNkulunkulu uzombusisa othemba lakhe likuye kufakazelwa yizwi lakhe, ubufakazi bezwi lakhe,  kanye nerekhodi lakhe kanye nodumo lwakhe. Ngokuba uyakwenza lokho athembise ukukwenza.

Hlampe manje usuyaqonda ngokungananazi ukuthi izwi likaNkulunkulu lithembekile futhi ungancika kulona. Kungenzeka ukuthi awunaso isiqiniseko kuwe noma ngawe. Ungazibuza ukuthi “kungabe ngikholwa ngendlela ezosindisa umphefumulo wami? Impela angimungabazi uNkulunkulu kodwa mina ngiyazingabaza. Ukuthi nje anginaso isiqiniseko sokuthi ngixhumene naye”. Yinye nje vo impendulo kulolungabazane, ukuthi uqondane naye manje.  Yiba nesiqiniseko khona manje uhlukane nongabazane.  Kumele sivume phambi kwakhe ububi bethu obunzulu, ukuthi asikwazi ukuzizisa phambi kwakhe ngokwethu, futhi asifanele. Asinalo ithemba ngokuvela kithi. Siyaqonda ukuthi uJesu wasifela, wafa endaweni yethu. Ngakho ke sikholwa kuye ngeqiniso, “Nkosi uma ngingakaze ngibeke kuwe ithemba lami ngokweqiniso, ngiyalibeka kuwe khona manje” Siqhubeka ngokwesithembiso sakhe ukuthi “bonke abayokhuleka egameni lenkosi bayakusindiswa” (KwabaseRoma 10:13). Sithemba lesosithembiso esilula, siphumula kwidwala eliqinileyo nokuthembeka kwezwi lakhe.

Sinakho ukuthanda ukuthola ubufakazi obunzulu futhi obuphathekayo, okuyisiqineseko ngensindiso yethu. Kodwa uNkulunkulu usitshela ukuthi ukukholwa ukuqiniseka ngezinto ezingabonwa, izinto ezithenjwayo.

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo” (KumaHeberu 11:1)

UNkulunkulu usibizele ukuthi simdumise ngokukholwa nje izithembiso zakhe. Futhi ulindele ukuthi ukholo lwethu lusanele.

Ngakhoke sikhumbula usuku lwesinqumo siqonde udaba okumele luqedwe, olumile olufana negama likaNkulunkulu. Siyamubonga ngensindiso asinikeze yona ngokwezithembiso zakhe. Siyathokomala ngenxa yentokomalo asithembise yona siqhubeka sengathi kuliqiniso!, ngokuba kuyilo! Uma kufika izikhathi zokungabaza sikhumbula izithembiso uNkulunkulu azenzile kithi, uNkulunkulu uqinisile kwizwi lakhe. Ukungabaza lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ungumqambimanga.

Cabanga amazwi kaKristu encwadini kaJohane 6:37, “Ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle”. Uma usuzile kuye, wabeka ithemba lakho kuye wakusindisa, umbuzo esesingawubuza owodwa nje yilona, ngabe ukwalele na? Lona umbuzo ongukhiye futhi kumele sicabangisise uma siwuphendula. Lona umbuzo obandakanya iqiniso nokuthembeka kukaJesu Kristu, ukuza kuye uphinde ungabaze ukuthembeka kwakhe ebe esekhulume amagama awakhulumile ukungamethembi uNkulunkulu, futhi umenze umqambimanga.

Lokhu kuyiqiniso esilibona ezincwadini ezifana nencwadi kaJohane 3:16 no 5:24, “…Ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade”. Njengoba usukholwa nguye, kungabe ukunikezile ukuphila okuphakade? Uthe uzokwenzani?  Yona futhi incwadi kwabaseRoma 10:13 “Bonke abayokhuleka egameni lenkosi bayakusindiswa.” Mhla ukhuleka egameni lakhe wakusindisa na? Wathini kuwe? Siyazi sisindisiwe ngenxa yesizathu esisodwa vo, ushilo ezwini lakhe!  Izwi leNklosi elibhaliwe liba itayitela noma isitifiketi esigunyaza ukuthi kuphelele, kufeziwe.

Ngonyaka odlule saqasha indawo ngoMasingana singumndeni edamini e-Sterkfontein. Sabuza imibuzo, saqinisekiswa ngokuthi indawo singayithola, basinika nemininingwane yasebhange.  Sakhokha ngama-refarensi esasiwanikeziwe, sase sinikezwa isitifiketi sezivakashi. Kuleso sitifiketi kwakukhona yonke imininingwane eshoyo ukuthi siyizivakashi zakhona, futhi sikhokhile. Kwakumele sifike naso leso sitifiketi uma sesifika. Kwakugqamile nje ukuthi umuntu ogama lakhe libhaliwe kwisitifiketi uyena okulindeleke ukuthi afike njengesivakashi ahlale. Awucabange ukube saphinda sacabanga ngenye indlela maqondana naloluhambo, singasaluzwa kahle, saphinda safona ukubuza ukuthi singenzenjani ukwazi ukuthi sivumelekile ukufika? Babezosikhomba kwisitifiketi ngoba yisona siqiniseko sokuthi sivumelekile. Uma ngabe sacela esinye isiqinisekiso, babengeke basinike esinye ngaphandle kwalesi abasinike sona, esibhaliwe. Sase siphethe esandleni idokhumente elisigunyazayo, akukho okunye okwakusadingeka.  Ukuba saqhubeka nokufuna isiqiniseko, babengasibuza ukuthi sesike samuvakashela yini owengqondo.

Kunjaloke enkosini mayelana nensindiso. Amazwi awashoyo isona sitifiketi esiyisiqiniseko sokuthi siphakathi. Akukho okunye okudingakalayo. Uma siqinisekile ngokungenwa ngaye, ukuza kuJesu sikholwa nguye, uyisiqiniseko esiyisitifiketi esisigunyazayo. Buka lamazwi 1 kaJohane 5:13 “Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni lendodana kaNkulunkulu”. Kungabe ulalele? Lokhu akubhalile ulindele ukuthi kube yisiqiniseko esiphelele kuthina ukuze sibe nesiqiniseko sokuthi sisindisiwe.  Ubufakazi bokuqala!! Ngokuba kulotshiwe.

Kuyodlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula”

Kanti futhi singabuka kanjani umsebenzi kaNkulunkulu esiphambanweni singaliqondi iqiniso lezwi lakhe? Yena owasithenga ngenani eliphakeme, igazi likaKristu ukuze asizuzele insindiso. Singacabanga kanjani ukuthi angeke asamukele ngaleso sikhathi uma sikholwa, uma umphefumulo uphendukela kuye? Akuwenzi umqondo ukuthi esenze okukhulu kangaka ajike angasamukeli uma siza kuye.

Izwi likaNkulunkulu irekhodi yensindiso yakhe yaphakade ngomusa, liba ngubufakazi bokwamukela okholwayo. Bonke lobu obunye ubufakazi esifuna ukukukhomba kuyizinto nje eziza ngemuva.

Masiqedele ngokubuka nje lobu obunye ubufakazi, obuyisibili bokuthi usindisiwe. Bonke lobu buhlobene kakhulu nemizwa yethu nesipiliyoni, okuphathekayo.

  • Ngensindiso yethu eliqiniso kukhona ukubuyekezwa bobudlelwane bethu noNkulunkulu ubaba (KwabaseRoma 8:15-16; KwabaseGalathiya 4:6). UJesu uthi “Akakho owazi indodana, kuphela uyise, kuphela indodana nalowo indodana ethanda ukumambulela yena” (NgokukaMathewu 11:27). KuJesu kukhona isambulo sikaNkulunkulu ubaba kithi. Size kokungaphezu kolwazi ngoNkulunkulu, kodwa sinobudlelwane nokumazi engubaba wethu uqobo. UJesu uyasho ukuthi injulayempilo ephakade kungukuthi “Bazi ukuthi wena unguNkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo uJesu Kristu. (NgokukaJohane 17:3).
  • Ngensindiso eliqiniso kuza imizwa emisha, izimfuno ezintsha,izinhloso ezintsha Kanye nenkambo entsha. KuJesu kukhona ukuthula, injabulo Kanye nokuphumula (KwabaseRoma 5:12; KumaHebheru 4:3; 1EkaPetru 1:8). Ngenkathi umthenwa waseTopiya ekholwa “Wahamba ngendlela yakhe ethokoza” (Izenzo 8:39) kwakumayelana nani konke lokhu, uma kwakungeve sekuhleli okusha enhlizweni yakhe? uJakobe ukhuluma ngokukholwa okuyiqiniso okubonakala ngoshintsho empilweni yethu. Futhi nje ukhuza ethi ukukholwa okungenamsebenzi emisha kufile, “Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile” (EkaJakobe 2:26). UJakobe wayekhuluma ngobufakazi bokukholwa kwethu phambi kwabantu. KuJesu futhi kukhona uthando olusha lwabanye abazalwane. UJohane ukwenza kube isikali sensindiso eyiqiniso ku 1 NgokukaJohane 3:14 uma ethi, “Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.
  • Ngensindiso eliqiniso kuvela ngisho ukuqonda lokho okushiwo yibhayibheli. 2 KwabaseKorinte 3:18- “Obambuliwe [bavezwa] ubuso”. NgokukaJohane 16:13- “Umoya weqiniso uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukhuluma, anibikele okuzayo”. NgokukaLuka 24:45 – “Khona wase evula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo”.
  • Ngesindiso eliqiniso uba nokuzwa nokuqonda ukuhlala kukaMoya Ongcwele ngaphakathi kwakho. Uthini uJohane ku 1 NgokukaJohane 4:13; 3:24?
  • Ngensindiso eliqiniso uyazizwela ukuthi impela akusekho ukulahlwa (NgokukaJohane 3:18; KwabaseRoma 8:1). Umthwalo wesono/nonembeza okulahlayo kususiwe, Umthwalo ususiwe!
  • Kodwa kukhona ukuzizwela wamukelekile kubathandekayo (Kwabase-Efesu 1:6)

Kodwake futhi, labofakazi abangaphakathi bangabesibili kubufakazi bomsebenzi kaNkulunkulu, bomsebenzi wakhe. Bonke ofakazi babantu bayinto engalutho uma kuqhathaniswa nokuthembeka bobufakazi bukaNkulunkulu.

“Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulukunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngendodana yakhe. Okholwa yindodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe. Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngendodana yakhe. Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. Onayo indodana unokuphila, ongenayo indodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila, ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila. Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni lendodana kaNkulunkulu” (1 NgokukaJohane 5:9-13)

Ukuphepha noma ukugcinwa kuJesu kuqinisekisiwe ngezwi likaNkulunkulu. Insindiso yethu akumele siyiphambanise kube sengathi isho ukuba msulwa kwethu, ukungabi nasici, asiqinisekisi insindiso yethu ngemizwa.

Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda” (Izaga 3:5).