WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Inkosi Yokufa

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

UNkulunkulu Ukhulumile Ngendaba Yokuzibulala

 

Ngafunda indatshana eminyakeni eyedlule eyayikhuluma ngokuzibulala kubantwana abasebancane. Lendatshana eshaqisayo yayikhuluma ngengozi engukuzibulala kwiminyaka nje engamashumi amabili, kuze kuba ukuzibulala sekuyindlela yesibili eseqhulwini kwizimbangela zokufa kubantu abasha. ingeyesibili ilandela izingozi. Nakho lokhu kucatshangwa ukuthi kungase kushintshe ngoba ezinye zalezi “zingozi” zisuke zihlosiwe, kungalona iphutha. Lendatshana iyaveza ukuthi ezinye ziyizingozi mbumbulu, zifana nqwa nempilo evezwayo yaseholiwudi, izidakamizwa, ubuhlobongela, ukukhulelwa kwentsha esencane, abazali ababhizi nemsebenzi bobabili, nokunye nokunye. Akusona neze isithombe esihle.

Abantu abazibulalayo abantu abalahlekelwe yithemba. Abaluboni usizo noma ukuphunyuzwa kwizinkinga ababhekene nazo, ukungabi nalutho nokungaphatheki kahle, ukulahlekelwa yithemba kugcwalisa inkungu kubo kufiphale ukubona kwabo.  Ikakhulu ukucabanga kwabo kudungwa yinsumansumane yokuphucuzeka kwesimanjemanje okungasho lutho. Nokuthi uma engekho uNkulunkulu wami, kushukuthi akekho nhlobo uNkulunkulu, asikho nesidingo nenhloso yempilo. Akukho okunye ngale kwalokhu engikubonayo ngaphansi komthunzi welanga. Uma lokhu kunzima kanje yini enye ekhona?Sikuphi isidingo sokuqhubeka. kungenzeka senze iphutha lokucabanga ukuthi abazibulalayo yilabo abahluphekayo, abenziwe kabi umphakathi, lokho kucabanga akukhombisi ubuhlakani.

Bheka lithini ibhayibheli ngabantu abathatha izimpilo zabo;

  • U-Abimeleki (Abahluleli 9:54) emva kokubulala amadodana kaGidiyoni angamashumi ayisikhombisa wabaleka, ezama ukubambelela emandleni. Owesifazane owayesembhoshongweni ekugcineni waphonsa imbokodo phezu kwakhe wachimiza ikhanda lakhe. U-Abimeleki ngokucela kwakhe wayaleza ukuthi udibi lakhe luhoshe inkemba limubulale, ukuze kungashiwo ukuthi wabulawa umuntu wesifazane.
  • USamsoni (Abahluleli 16:30) – wathatha impilo yakhe mhlazana ewisela indlu phezu kwamafilisti. Noma wayeyindoda inkosi eyayiyisebenzisa, wayengumuntu nje wenyama, izimfuno zakhe yizona ezamubambisa, kwaze kwaba uyafa.
  • Inkosi uSawuli (1 Samuweli 31:4) –Njengoba uSawuli wayengafuni intando yenkosi, kwagcina kufika lapho inkosi isimyekelela khona. Ngokunqoba okukhulu kwamafilisti phezu kukaIsrayeli, uSawuli walimala, wabe esethatha impilo yakhe ngoba engafuni ukuyiswa ekuthunjweni.
  • UZimri (1Amakhosi 16:18) – Lendoda yabulala u-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, yabe isibulala bonke ababemelene nayo, izingane zikababa ka-Ela. Kepha ukubusa kwakhe kwaba nje isonto elilodwa, ngoba abantu babeka u-Omri ukuthi abe yinkosi. Besabambezele uZimri e Thiza washisa isigodlo senkosi saba umlotha yena mathupha.
  • U-Ahithofeli (2 USamuweli 17:23) – nganoma isiphi isizathu lendoda yalandela u-Absalomu kubundlobongela bakhe kunokuba ame noDavide, ogcotshiweyo kaNkulunkulu. Lapho esebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wasuka waya emzini wakhe wafika wazibulala.
  • UJudasi (NgokukaMathewu 27:5) wayelandela uJesu ngenxa yalokho ayengakuthola kuye. Kubonakala sengathi wayengakaze amamukele uJesu ngokuyindlela eyiyonayona. Esedliwa unembeza wakhe ngokumukhaphela wazilengisa.

Njalo kwakungabesilisa futhi babezifunela okwabo, bahlangana nezimbila zithutha ekugcineni ngenxa yokungathobeli uNkulunkulu.

Singabala futhi lapha amadoda ayefuna ukufa;

  • UJona (UJona 4:3-8) – kulomlisa owayemuncu, ezicabangela yena yedwa uJona, Inkosi yayizimisele ukuxolela abaseNinive. Kabili sifunda ngaye ekhononda, efisa ukufa.
  • U-Eliya (1 Amakhosi 19:4) – Yize noma kwakuyisikhathi sokunqoba namandla phezu kwenkolo yamanga ezweni, kodwa isibindi sika-Eliya saphela ngenxa yokusabisa kukaJezebeli. Kunokuba agijimele enkosini waziholela ophathe waze wafisa ngisho ukufa.
  • UJobe (3:20-22; 14:13) – Eselahlekelwe abantwana bakhe, ingcebo, nokuphatheka kahle, wafisa ukufa enomunyu.

Ungakuthathi kancane ukuthi noma lamadoda ayengazithatha izimpilo zawo futhi kwenzeke ngenxa yenhlungu, kodwa abazange.

Buka futhi umshumayeli Enengcebo edlula bonke abantu. Wakwenza konke ayefisa ukukwenza ngaphansi komthunzi welanga. Kodwa wathola ukuthi konke “Lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje” ngakho wathi “Ngizonda ukuphila” (Umshumayeli 2:17). Kodwa akakhethanga ukuthatha impilo yakhe. Ngokuba wafika esisombululweni esikhulu “Naku ukuphela kwendaba, mesabe uNkulunkulu” (12:13). UJosefa wadayiswa kabili, ezweni ekungasilo elakhe, akakaze akucabange ngisho ukukucabanga ukuqeda ngempilo yakhe. Wakhetha ukuba yisisebenzi sikaNkulunkulu nesabantu. Abaningi ngabe bathatha impilo yabo, kodwa yena akazange. Kungani? Ubukuphi umehluko? Wakhumbula wabona ukuthi uNkulunkulu uyinkosi yokufa futhi uyinkosi yokuphila njengokuba esho uDavide (Amahubo 68:20), “Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo, ukukhipha ekufeni kungokukaJehova inkosi”. Akungenxa yokubona kwemicabango yethu, kodwa ukubuka kukaNkulunkulu! uJobe uthi ngomuntu “Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli” (UJobe 14:5). Ngesikhathi uJobe ayenganquma ngaso ukuqeda izinsuku zakhe ngenxa yenhlungu ayekuyo waqonda ukuthi uNkulunkulu ongamuyisa ekufeni ngesikhathi sakhe. Futhi ukuhlupheka kwakhe konke siyabona ukuthi uNkulunkulu wayenenjongo ngakho konke; isifundo kusathane kanye nathi, okwakungacacile kuJobe. Kodwa kwakuyizinhloso zikaNkulunkulu, futhi uyena obeka umkhawulo wempilo. Awukho umehluko nakithi.  “Ngokuba uma siphila, siphilela inkosi, uma sifa, sifela inkosi” (KwabaseRoma 14:8).

Kwihubo 139 uDavide umangaliswa umsebenzi kaNkulunkulu, ukunaka kwakhe nokunakekela ekwenzeni umuntu. Impela othatha impilo yakhe uthatha umsebenzi wobungcweti bukaNkulunkulu. Ngokusobala nje udelela umenzi wethu.

Akusikho konke ukufa okungukubulala. Kukhona ukufa okulungile okukhulunywa ngakho kwizimpi zangethestamente elidala. Kukhona nokubulala kwephutha,  kukhona nokubulala okuyisijeziso. Lokhu akusikho ukubulala. Ukuze kuzothiwa ukubulala kumele kube okuqondiweyo noma okuhlosiwe ngale kwesizathu esizwakalayo. uKuzibulala kungena ngaphansi kokubulala ngoba kunenhloso. Kulokhu, uNKulunkulu ukhulume ngokusobala “ungabulali” U-Eksodusi 20:13).

Ngakho ukuthatha impilo yakho kuveza ukuba iphikankani nokuba untandoyakho. Uphuca uNkulunkulu igunya lokuba uNkulunkulu wokuphila nokufa. Kumele siqaphele ukuthi umuntu ofuna ukuzibulala akusiye umuntu ohluphekayo, owenziwe izinto ngaphezu kokuthi odelela uNkulunkulu ngokuphikisana naye. Umlando webhayibeli ukuveza ngokusobala lokho. Lento kahle hle ingegunya, ithi “Ngiyinkosi yempilo yami, ngikhululekile ukuyithatha”, kuveza ukuzikhukhumeza kukasathane (U-Isaya 14:12-14). Noma ngabe kuthiwa ubhekene nasiphi isimo kodwa isinqumo sokuthatha impilo yakho, usuke uthatha igunya ekungesilo elakho ngokwebhayibheli.  UKhora namadodana akhe benza lokho bawela ekwahluleleni kuka Nkulunkulu. Amakhosi uSawuli no Asa benza njalo bengena ehhovisi lompristi benikezela umhlatshelo, bahlulelwa uNkulunkulu.

Kubalulekile ukuqonda ukudelela okukhona ekuzibulaleni. Futhi kubalulekile nokuqonda injongo noma inhloso kaNkulunkulu ngezinhlupheko esihlangabezana nazo. Izifundo zokubekezela, zomusa, zobumnene, ezisisiza ukuthi nathi sikwazi ukusiza abasazohlangana nazo (2 KwabaseKorinte 1:3-4). Izifundo zokubambelela nokuthobeka. Ngisho noJesu wafunda ukuthobeka ngezinto ahlangana nazo.

Wazi futhi ukuthi inkosi isiqinisekisile ukuthi “Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala” (1 KwabaseKorinte 10:13). Impela akukho esingeke sikwazi ukukumela nenkosi.

Ukufingqa izinto esesizikhulumile;

  • Yize noma ibhayibhjeli liveza abaningana abathatha izimpilo zabo, liphinde liveze nabanye engabe bazithatha kodwa abazange, ngokuba bahlakanipha ngokusaba uNkulunkulu.
  • Ukuzibulala kuyinkani ehlwitha indaba yokufa esandleni sikaNkulunkulu siziphathele yona ngezethu izandla.
  • Ukuzibulala kuphika icebo likaNkulunkulu lokukhula kwenjongo yakhe ngokwezinhlupho.
  • Ukuzibulala kudelela uNkulunkulu ngokubulala lokho akwenzile.
  • Ukuzibulala kusenza ababulali.
  • Ukuzibulala ukuveza ukuba untandoyakhe, ekunqabeni igunya likaNkulunkulu siqhakambisa elethu.
  • Ukuzibulala kuveza ukuthi uma uNkulunkulu ethi angeke asinike okungaphezu kwamandla ethu usuke ekhuluma ize.

Uma sibonisa lowo osuke enemicabango yokuzibulala kumele siqonde ukuthi isidingo nqangi sabo ITHEMBA. Ngakho kumele siqonde ukuthi ithemba liqhamuka kuphi, futhi sazi nokuthi aliqhamuki kuphi.

Ithemba aliveli ekuthopheni nokwenza ncane izinkinga.

“hhayi akukubi kona kakhulu!”

“Isimo sakho asisibi kangako!”

“umalume wami wabhekana nokuphindaphindwe kashumi uma kuqhathaniswa nalokhu kwakho futhi waphuma emoyizela.”

Bayazi ukuthi kubi kanjani, noma hlampe kubi kanjani kubo, bazocabanga ukuthi wena nje awufuni ukuqonda.

Ithemba aliveli ekuzigqajeni nokuzikhukhumeza.

“Awuboni ukuthi ungumuntu wenani eliphakeme nokuthi ubaluleke kangakanani!”

Usufike kwangqingetshe ngempela ngokuthi bangobani nokuthi babonani ngaphakathi kwabo. Bazobona phakathi kwamazwi akho azwakala kahle, bakubone ungenamsebenzi, ungumqambimanga onolimi olushelelayo kubo. Ukungakhulumi iqiniso akukaze kwasiza endleleni ende. Ungazami nokuzama ukuphakamisa loyo osezibukela phansi ngoba ufuna ukumenza azizwe ngcono. Liqhumise lelo bhelunde.

Ithemba liza ngokubuka isimo ngeqiniso ukuthi sibi kangakanani, ngokuba sibi impela, ubuhlungu babo, njengobami, kubi kunayo yonke into futhi kungcolile. Ungazami ukwenza sengathi isimo singcono, isimo sesono sabo.

Ithemba liza ngokubhekana ngqo nobubi bomuntu obumelene negunya likaNkulunkulu, nokungasebenzisi kahle ingqondo namalunga. Ingcindezi yabo, ukuhamba, ukucasuka, imicabango emibi nokukhetha okubi, ukunikela ebubini nasekuzilawuleni amalunga uNkulunkulu akunike wona. Kahlehle isimo sabo asenziwa yizinto ezingaphandle, noma kungabe kuthiwa bakhombani ngaphandle njengomsusa. Isimo sabo sokuphelelwa yithemba siza kubo ngenxa yokungaphathi, izimo, okugcina sekwanda mese kwandisa ukukhathazeka, kulokhu kunyuka kancane kancane kuze kugcina sekuba kubi impela. Isibonelo, ingcindezi nje encane esiba nayo uma kumele senze imisebenzi nje yasendlini noma izinto ekufanele sengabe siyazenza, lokho kuyanezelela ijoka, ukuphendula nokukhuluma kabi kwandisa isazela nobunye ubuhlungu phezu kwalomthwalo nokunye futhi. Kuye kunyuke futhi kwandise ububi nokwenza okubi, “Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe” (Izaga 5:22). Kuze kufika lapho sebesebumnyameni sebebanjwe ukuphelelwa yithemba!

UJay Adams (maybe the English book title here?) kwimanuwali yokululukwa kwengqondo ngokobuKristu ubuka indaba kaKhayini njengesibonelo kuGenesise isahluko sesi-4;

  • Umnikelo wakhe ongalungile awamukelwanga uNkulunkulu (Ugenesise – 4).
  • UKhayini wakhetha ukuphendula ngolaka nengcindezi (ubusi bakhe banyukubala).
  • UNkulunkulu wamukhuza ngomuphumela walendlela ayeyithatha, ase ezibekele yona uqoba lwakhe uKhayini (ivesi 6-7).
  • “Yenza kahle khona uzokwamukelwa” (Ubuso obunyukubele mabuvuke).
  • Ukuhluleka ukwenza kahle kuzokuholela ebubini obukhulu (sengathi ububi bugaqela emnyango kulindele ukukubhozomela).
  • UNkulunkulu wamubonisa ngethemba ukuze aphenduke ebubini bakhe noma lapho ebheke khona.
  • UKhayini wanqaba ukuyala kukaNkulunkulu.
  • Njengokuba uNkulunkulu wayexwayisile, lokhu kwalandelwa ububi obubi kakhulu, okokufa (Ivesi 8)

UKhayini wahamba waze wafika ekubulaleni ngenxa yokubamba igqubu nokuzizwela kwakhe kokungalaleli.

Impendulo yalowo osebubini ukuthi aqonde isono sakhe ekwenzeni izinto, aphenduke, alalele uNKulunkulu futhi ayekele! Lokhu kuqonda kuphinde kubuyise ithemba!Ngokuba kuveza ukuthi ububi nokuphelelwa yithemba akusona isifo ongeke ukwazi ukusigwema, Isimo esingaqondakali esisengamelayo, into esehlelayo esingenawo amandla phezu kwayo. Imiphumela yezinqumo zethu esizenze thina futhu esingakwazi thina ukubuya siphenduke kuzo, sishintshe, sizishiye mese sihamba ngomoya. Izinto azibi nzima kangangokuba asisakwazi ukuphuma kuzo. Nanoma kunini empilweni noma kuphi, uma kwehlela noma kwenyukela, kuya ngokuthi ngiphendula kanjani ekululekeni kukaNkulunkulu khona manje!

Impendulo isekulaleleni ukuyala kukaNkulunkulu, umesabe, ubhekise kuye amehlo, kuye ngokuthuthumela. Bheka umbhali wehubo “…Ngokuba ngisazokumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.” (Amahubo 42:5). Buka ahlangana nakho uChristian (umzalwane) encwadini ka John Bunyan I pilgrim’s progress (uhambo lomhambi ngolukamageba), wawela esigodini sesono beya kwisango , isimo sabo sasibukeka sisibi impela u-Pliable (thathekile) wagcina ekwazile ukuzikhulula wase wagijima waphindela emuva edolobheni elizakuchithwa. Kodwa u-Christian (umzalwane), ezama, ephelelwe amandla wathi “mina ngizakuya enkosini”, esezikhethele lokho kwaqhamuka obizwa ngokuthi u-Help (usizo) ngokushesha, ethunyelwe evela enkosini ukuthi eze azomusiza endleleni yakhe. Usizo lwenkosi luhleli likhona uma sikhetha ekuxakekeni kwethu ukubheka kuye futhi senze intando yakhe.

Kumele sisize lowo odonsa kanzima ngothando nangamandla; Loyo owalithanda izwe kangaka waze wanikela ngendodana yakhe kungukuphela kwayo; yena loyo ongumalusi ofunayo ngokubhala kukaLuka kwisahloko se-15, lowo osithandayo yize noma sinjena (Kwabase-Efesu 2:1); Loyo osamukelayo ungothandiweyo; onamandla amakhulu njengokuthethelela kwakhe; uNkulunkulu okumele asatshwe athotshelwe (“Ungabulali”). Ungalinge uzenze ncane izinkinga zabo kodwa yenza mkhulu uNKulunkulu!

Njalo, njalo kumele sibe mnene, kodwa siqinile. Buka umnene kanjani ebe futhi ngezwi eliqinile uNkulunkulu wasebenza ku-Eliya, nakuJona, noKhayini. Hhayi ngendlela ebukhali yokubathatha kancane kodwa ngokuthetha indaba nangokunakekela.

Ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazise iqiniso, basanguluke, baphume ogibeni lukasathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe” (2 KuThimothewu 2:25-26).

Ngokwenza ngalendlela kulabo abasebubini nasemaketangeni abo bangase bakubone njengaloyo okhuluma iqiniso ngothando, loyo ozimisele ngokusho izinto ezinzima kwenzelwa okungcono ekugcineni. Bazokwazi uqinisile ngabo, ngakho bazobona ukuthi uqinisile ngoNkulunkulu. Khuluma ngokuthembeka, ubadonsele kuNkulunkulu othembekile.