WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Indoda Nowesifazane Ngokuhlonipha

Ihunyushwe nguThobile Nguse

 

“Balekela ubufebe”

Imicabango Ngokuziphatha Okumsulwa

 

Sihlala ezinsukwini lapho abathandanayo bengayiboni inkinga ngokuhlala ndawonye ngaphambi kokuba bashade, uma bekucabanga nokukucabanga ukushada. Kumanje sitshelwa ukuthi kumele siyamukele indaba yobutabane njengengxenye nje yempilo. Lokhu kwamukelekile ngokwempilo ophilwayo manje. Ububi bezindlela zethu kulesikhathi bukhala njengegazi lika Abela olungileyo, lithi uNkulunkulu akasilungise. Lencwadi encane isibizela ukuba sibuyele ezindleleni zokulunga nesimilo. UNkulunkulu wamazulu usho kanje ezwini lakhe;

Balekelani ubufebe, zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba, kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba” (1 KwabaseKorinte 6:18).

Balekela ubufebe” umyalelo ovela kuNkulunkulu. Igama elidala elithi “ubufebe” lisho ukungahlanzeki ngokocansi noma okwaluphi uhlobo. Umyalelo kaNkulunkulu lapha uthi BALEKA!  Balekela noma iyiphi ingcindezi nezimfuno zengqondo, ezenyama kanye nomzimba! Umyalelo wakhe akusiwo owokuthi bekezela noma qina kuleyongcindezi kodwa uthi phuthuma  ubaleke! Kuyacaca asikwazi ukuqinisela maqondana nezinto ezifunwa inyama. Ukuqina kwethu namandla ethu asekubalekeni. Ungacabangi ukuthi ukuba ntekenteke noma ubugwala ukubaleka endaweni lapho ungalingeka khona, ungasondeli ngisho ukusondela. Ungayibeki ngisho engqondweni yakho noma emehlweni akho. Ungakuthathi kancane okushiwo yigama “baleka”Lena indlela okuyiyo edingekayo ukubhekana nalezo zilingo. Shiya ibhantshi lakho wena owabona uJosefa wasendulo. Uphunyuke ngawo wonke amandla akho ekubambeni komlingi ekulingela isono. Lokhu okufunwa umzimba wakho okuvutha amalangabi kuzokwehla kuphele uma uziqhelelanisa futhi imicabango yakho ijule kwizinto ezihlanzekile. Akumele nakancane ukuthi sibambezele ukubaleka uma sibhekene nesono senyama yethu.

Sithola isizathu sokubaleka kwethu encwadini 1 KwabaseKorinte 6:18.

kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba

Izono zokungaziphathi kahle emzimbeni, ngokocansi zihlukile kulezi ezinye izono.  Kukhona ukuzilimaza wena lapho isono senyama sikugqema wena uqobo ingozi engeqiwa ntwala “wona owakhe umzimba” Uzibangela amahloni angapheli.

Siphinda siqhubeke ukufunda incwadi 1 KwabaseKorinte 6: 19-20;

Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya Ongcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu”. Leligama elibhaliwe lapha libhalelwe abakholwa kuJesu Kristu. KuKristu sithengiwe kwingcindezelo yesono ngenani eliphakeme kakhulu, igazi lomsindisi wethu, elaphalala ngenxa yethu mhla efayo. Asinalo ilungelo lokungcolisa lokho okungokwenkosi. Okwethu ukuthi sisebenzise lokho asinike kona ukudumisa igama lakhe. Lokho angeke kwenzeke embhedeni wenkohlakalo.

Owami, “umzimba wenu uyithempeli likaMoya Ongcwele”. Yisho lamazwi kokholwayo. Phinda uwasho futhi. Uma eqondisiswa lamazwi aba yimpendulo kwimibuzo eminingi yokuhle nokubi. Ungahambi, ungenzi, ungahlanganyeli kwizinto ezizohlaza uMoya Ongcwele ophakathi kwakho. Akuthi wonke umuntu azimisele ukujabulisa uNkulunkulu ngezenzo zakhe zonke, nangemicabango yakhe, lapho ngeke kube khona ukuhuheka ngokwenyama okuzobamba impilo yakhe. Yikho lokhu okwenza umuntu angalokhu ebuza imibuzo yokuvumelekile nokungavumelekile, nokuthi ungahamba ugcine kuphi.  Lenhloso yenza umuntu aphile ngendlela efanele futhi enikeza uNkulunkulu udumo, engalokhu edlalela eduze kokubi, kodwa aphile impilo engukukhanya kukaNkulunkulu ngendlela okuyiyo. Ngikhombise umzalwane ofuna ukuphila impilo ehlanzekile pambi kukaNkulunkulu ngakho konke okwakhe, siyobe sibona iqhawe enkosini, elibhala umugqa ngempilo yalo, elinezithelo, elidida isihogo, elijabulisa izulu. Thina abenkosi kumele sibe abantu abahlukile, abangcwele, behlukene nokungcola kwalelizwe.

 

Ukuyengela Kubufebe

Imicabango Ngendlela

Yabazalwane Yokugqoka

 

Siyibhekile ingozi yobufebe nokuziphatha okungekuhle nomyalelo kaNkulunkulu encwadini 1 KwabaseKorinte 6, ukuthi kubalekele. Ungakhathazeki uma izwe licabanga ukuthi uyisilima uma likubona wenza lokho. Senze leso sinqumo ngenxa yokuthanda ukulunga, nokulunga kukaNkulunkulu. Ungondli futhi ulandele izimfuno zenyama ezizokuphambanisa nezindlela zikaNkulunkulu nomyalelo wakhe othi BALEKA!

Ngisangumfanyana omncane, abanye bethu babedlala emotweni eyayimile endleleni yethu yokungena, Abanye babehlala esihlalweni esiphambili, benze sengathi bayashayela, bayisusa kwigiya bayeka ibhreki lesandla, langa limbe yavele yasuka imoto isibhekezansi, bavele bahlakazeka, kwadingeka mina ukuthi ngigxumele esihlalweni somshayeli nginyathele amabhreki onyawo ngamandla ami wonke ngibe ngimemeza ngifuna usizo. Uma abantwana belingisa abazali babo, abayiqondi yonke ingozi abangase bayidale ekwenzeni lokho. Kunjalo-ke nakithina, ekulandeleni abanye akumele sibe njengabantwana abancane abangaqondiyo ubungozi ubungase busehlele thina kanye nabanye kulokhu esikwenza ngobumsulwa.

Encwadini NgokukaLuka 17:1 uJesu watshela abafundi bakhe;

Kungeze kwenzeke ukuba kungaveli izikhubekiso, kodwa maye kulowo ezivela ngaye!”

Uma ekhuluma “ngeziphambeko” uJesu ukhomba kwizinto ezenza abantu bazithole sebenza okungalungile, umuntu noma into eyenza omunye one.Kuyindalo yawo wonke amadoda, abesifazane, abafana kanye namantombazane ukona phambi kukaNkulunkulu, “kungeke” kungenzeki kithi, ngoba siyizoni. Yize lokhu kuyiqiniso, kodwa akusho ukuthi kumele sikwenze isizathu sokuphila impilo yobubi. Impela “maye kulowo ezivela ngaye!” Inkosi iyasexwayisa ukuthi umuntu wohlulelwa ngezono zakhe, ikakhulukazi ukuholela abanye ebubini! Abantu baletha izikhubekiso kwabanye ngezindlela eziningi. Hlampe omunye uyakwazi ukuphuza utshwala aphinde akwazi ukuzibamba, noma ukuzilawula. Kodwa manje akasabacabangeli ababuthaka, ukudakwa okuzobayisa ekubhujisweni. Hlampe owesifazane uzimisele ukugqoka ngendlela ayithandayo, kodwa imicabango adala ukuthi icatshangwe owesilisa mibi, ngenxa yokuthi ugqoka ngendlela ethize, hlampe eveza umzimba, eyenza nabanye abalandela yena bagcine sebedonsele abaningi eweni. Ubani owaziyo ukuthi iyohamba ize igcine kuphi! Senza kahle uma siqaphelisisa ukwenza kwethungoba uNkulunkulu usesikhiphile isexwayiso sakhe kuloyo ekuza ngaye izikhubekiso noma intuba yokona.

UJesu eshumayela intshumayelo yasentabeni wathi;

Nizwile kwathiwa: ungaphingi. Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke usephingile naye enhlizweni yakhe” (NgokukaMathewu 5:27-28).

Inkosi ithi, ngisho ukubuka owesifazane ngokumkhanuka usuphingile naye enhlizweni. Buka lana ukuthi kubhekwephi, kubhekwe kowesilisa obukayo, “obuka owesifazane” ngokuba inkanuko yowesilisa ijatshuliswa ukubuka. Ukungabi nabuNkulunkulu okwenza ukuthi umfana abuke ngokukhanuka. Ukungabi naNkulunkulu okwenza ukuthi owesifazana abanike into yokubuka. Lendaba yokubuka nokubukwa inamandla okwenza owesilisa abe nemicabango engalungile engayisa kwizenzo ezingalungile. ngiyakholwa uNkulunkulu akafuni abantwana bakhe balokhu bedlala lomdlalo wokubuka nokubukwa. Owesifazane owesaba uNkulunkulu, ufuna ukuphilela yena kuyo yonke into ephathelene nempilo yakhe.

Owesifazane owesaba uNkulunkulu Uyakwazi futhi ukubona izinto ezingadonsela abesilisa ophathe. Kumele aqaphele ukungavezi umzimba noma ukumila kwakhe. Yebo ngiyazi ukuthi ukucabanga okunjalo akujwayelekile emiphakathini. Ngiyazi ukuthi ukucabanga okunjalo kuyinto ehlekisayo ngisho ukuhlekisa ezweni lethu. ngiyazi uyakwazi lokho. Kulungileke! Siyakwazi lokho! Manje?! Masibuyele kokuthinta umtwana kaNkulunkulu. Yini ethandeka kuNkulunkulu?! Yini ukwenza okuhle phambi kwamehlo akhe? Ufuna senze njani maqondana nalokhu? Impendulo iyisiqiniseko. Ungake ulinge ubeke into engalungile, engase ibe isikhubekiso phambi kwabantwana bakhe abathandayo. Impela maye kulabo ngokucabangi kwabo abenza njalo ngenkani.

Abesilisa benza noma bacabange okungalungile ngenxa yalokho enibabukisa kona bantu besifazane.  Njengoba nje siyazi indalo yabantu besilisa, kubi ukwenza nokuveza lokhu okuzobenza benze okubi. Lezi zikibha ezincane, eziveza amabele, izikhinjana ezincane, amabhulukwe amancane kanye nezikibha zakhona, kuningi nje. Amathaythi, okuveza umzimba, okunye obonayo nje ukuthi kukhona indwangu eshodayo. Lezinto ezezwe, akusizo ezamakholwa, akusizo ezosisi enkosini. Akusizo ezowesifazane othanda uNkulunulu, othanda nabantu. Hlampe ufuna ukuthi kusemfashinini, wonke umuntu uyakugqoka. Yebo, sonke siyakwazi lokho kodwa “Maye kulowo ezivela ngaye”. Imfashini ayiqondakali, ngakho-ke akusibo ubuhlakani ukuthi owesifazane okholwa kuJesu Kristu imulawule. Wona lomphakathi uyasihleka uma senza okuphambene nokwenza kwawo.

Ngenkathi sikhuluma simelana nokuhlukunyezwa kwabesifazane, sibhidliza konke okuyamene “nokuhlukunyezwa ngokocansi”, sithi owesilisa makabuse phezu kwezinkanuko zakhe, khona manjalo sivumela okokugqoka ukuthi kube yilokhu okuveza umzimba, okuncane, okuvusa izinkanuko kowesilisa. Abesifazane bafuna ukungabukwa engathi balungele ucansi nje kuphela kodwa bafuna ukuhlonishwa ngenxa yemicabanga yabo, ingqondo yabo kanye namathalente abo. Bona futhi labo baphinde bagqoke ngendlela ebanza babukeke sengathi bayakhangisa ngocansi. Akuve kungawenzi umqondo, kuyindlela nje yezwe yokucabangela emuva. “Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula!” Pho kungani uhlanganyela nabo dadewethu enkosisni? Uvumelelani amadodakazi akho enze njalo?  Ukwenzelani, noma nawe uyenga abesilisa ngendlela embi. Ithi ngikutshele ukuthi ukungabi nanhloso nokuba nenhloso embi kuyisono. Kuyisono kuwe! Siyavumelana, kuyisono kowesilisa ukubuka owesifazane ngenkanuko! Kanti futhi kuyisono ukuthi owesifazane aholele owesilisa ekutheni abuke ngenkanuko.

 

Indoda Yowesifazane

Imicabango Ngobutabane

 

Oyisitabane, kungaba owesilisa noma owesifazane, yiloyo othanda noma ozibandakanya kucansi nomuntu onobulili obufana nobakhe. Leligama licashunwe kulimi lwesigrekhi elithihomoselisho “okufanayo” eliyimpikiso yegama u heteroselisho “okunye” noma “okungafani”. Ngakho-ke izitabane zifuna okufanayo kunokungafani.

Kungabe izitabane zithini ngalempilo yazo na? Bathi “ubutabane buyisipho sikaNkulunkulu esifanayo nje nokuba umuntu othanda umuntu wobulili obungafani nobakhe”. Kukhona nenceku eyake yasho kanjalo eminyakeni eyadlule. “kufana nje nokuba yinxele”, kusho elinye lamabandla eminyakeni eyadlule. Umphakathi wezitabane ulwela ukuthi, lento bazalwa nayo, indalo. Bathi akusiwona umkhuba nje owufundayo kodwa indlela oyiyo ongeke ukwazi ukuyishintsha, njengombala wesikhumba sakho. Ngenxa yalokho banxenxa ukuthi imiphakathi ibamukele njengamalunga omphakathi, bathole amalungelo afanayo, izimfanelo kanye nokukhuseleka njengawo wonke amaqembu amancanyana emphakathini. Bonke abangahambisani nabo bababiza ngamagama achaza ukuthi bayacwasa noma basaba izitabane. Mina ngingedwa nje angibuthandi ububi bobutabane kodwa ngiyathokoza “ekwesabeni inkosi” ngokuba “ukusaba inkosi kuba yimpilo”. Ngokuphatha budlabha ibhayibheli, umphakathi wezitabane wenza uNkulunkulu athande futhi eseke ubutabane.

Ngiyakholwa kungumsebenzi wethu njengabantu abakholwa ibhayibheli ukuthi senze yonke imizamo ukuze isono singabi yinto eyamukelekile. Sizonde lokho uNkulunkulu akuzondayo, simelane nobutabane ngokuba “ukusaba uNkulunkulu, ukuzonda okubi”. Kukithi futhi ukuthi simuthande umuntu owenza leso sono njengoba sithanda wonke umuntu owenza noma siphi isono. Thina esikuKristu “Besifile ngeziphambeko nesono” ngokunjalo. Singakhohlwa nakancane ukuthi uNkulunkulu wasibekezelela kanjani, esidonsela ekukhanyeni. UNkulunkulu uyabathanda abantu, abantu abadukile! Wangithanda ngingathandeki. Abanye abebebambeke kulesono, uNkulunkulu ubasindisile ngamandla akhe amakhulu. Kunethemba kwisithembiso sikaNKulunkulu “Uma sivuma izono zethu, yena uthembekile njalo ulungile, uzosithethelela izono zethu, asihlambulule kukho konke ukungalungi kwethu”. Makabongwe uNkulunkulu! Kunokuhlanzwa kuJesu.

Kubalulekile ukuthi siqale ngezwi likaNkulunkulu ukuze sazi kumele siwubuke kanjani lombuzo njengayo yonke imibuzo. Lesi yisihloko esingasekuqaleni kwebhayibheli encwadini uGenesise isahluko 13. Yilapho esifunda khona ngezindlela zedolobha iSodoma. Ngisho uLoti, ephosa iso kuleliyadolobha wabona ukuthi akuhambi kahle;

Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo phambi kukaJehova” (UGenesise 13:13).

Kwakungamadoda aseSodoma ayebandakanywa kulobubi, beqinisekwa njengalabo a “babebabi… bengabonayo”.

Kwisahluko se-19 kuGenesise siyavezelwa ukuthi ukudlanga kobubi babo kwakuhambaphi, benzani. Lapha sibona ububi bamadoda aseSodoma ayekhanukela amadoda angaziwa ayefikile endlini kaLoti. Amadoda aseSodoma afika angqongqoza emnyango efuna ukungena alale nalamadoda. Ayefuna ukwenza okubi kuwona, lena kwakuyindlela ekwakwenziwa ngayo eSodoma. Njengoba kulotshiwe ukuthi “babengabonayo phambi kukaJehova”. Akekho ongasola uNkulunkulu ngolaka lwakhe phezu kwalamadoda ngenxa yalokho ayese ezinikele kukho. Bahlulelwa uNkulunkulu njengedolobha elalizinikele kubutabane.

Ziningi izindawo ebhayibhelini eziveza ukuthi uNkulunkulu uthini ngesono sobutabane. Encwadini kaLevitikusi 18:22 sibona uNkulunkulu ekubeka ngokusobala ukuthi owesilisa angalali nowesilisa engathi owesifazane, kusho inkosi “unga” lona umyalelo, Hlampe ogqame kakhulu ungatholakala kwincwadi kaLevitikusi 20:13;

Uma indoda ilala nowesilisa njengowesifazane, bobabili benzile isinengiso, bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo

Kulula, kucacile, kusobala, kuyabonakala ukuthi kukhulunywa ngani lapha. Kukhulunywa ngobulili futhi kugqamele noma ubani. Owesilisa akumele azibandakanye nowesilisa ngohlobo ekumele azibandakanye ngalo nowesifazane. Akukho okunye esingakusho ngale kwalencazelo kaNkulunkulu ecace bha kulendawo. Futhi akukho esingakusho ngendlela uNkulunkulu abuka ngayo abenza okunjena. Kungamanyala! Qha! Konke ukungaqondi, ukungacaci kanye nokushiwo abantu kuthuliswa kalula yizwi likaNkulunkulu.

Ake sibheke kwithestamente Elisha incwadi KwabaseRoma isahluko-1 ivesi 24. Sithola ukuthi ngenxa yobulikhuni benhliziyo yomuntu engamufuni uNkulunkulu, engamuvumi, engamudumisi (ivesi 19-21) nangenxa yobuwula bomuntu enqaba uNkulunkulu ophilayo ekhonza izithombe (ivesi 23), umphumela walokho ukwehlulela kukaNkulunkulu okulungile “UNkulunkulu wabanikela” ebayekela “wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo”. Ukwahlulela kukaNkulunkulu kokuqala ukuba angabanqandi abantu ukuphila ngokwezinkanuko zabo. Kufika isikhathi lapho uNkulunkulu ebhidliza ugange olivimba umuntu oyisoni, ephenduka naye kulowo omufulathelayo.

Kuvesi 26 inkosi futhi iyekela labo ekuhuhekeni okuyihlazo, ukushisekela ihlazo.  Kube sekulandela sona isono sobutabane kwabesilisa nabesifazane, akekho ongaboni ukuthi isona siphi isono ekukhulunywa ngaso lapha. “Ukuhuheka okuyihlazo”Uyachaza ukuthi  bashintsha okudaliweyo, okuyimvelo “baguqula ukwenza okwemvelo kwaba okuphambene nemvelo”. UNkulunkulu uqobo othi lokhu kubi “kuye” (kuyihlazo) futhi “ukwenza kwemvelo” (kuvesi 27 “bayeka ukwenza kwemvelo”). Kungukulwa nomyalelo kaNkulunkulu osobala. Kungamahloni futhi “ukuhuheka okuyihlazo”!

Isoni kumele sisibuke ngendlela uNkulunkulu asibuka ngayo. Ngothando kodwa singadayisi ngeqiniso ukuze isoni sizobona ukuthi sibi kanjani isimo saso phambi kukaNkulunkulu ongcwele owehlulelayo. Ukuze sizobona futhi sinyanye ububi baso njengoba noNkulunkulu ebuka. Ukuze bezophendukela kuNkulunkulu okunguyena yedwa ongabasindisa ekubhujisweni kwaphakade ngenxa yesono.

Kukhona usuku lapho amajuda aqhuba owesifazane owayebanjwe ephinga (NgokukaJohane 8). Base bephethe amatshe bezimisele ngokumukhanda ngawo, kodwa ke babeqonde ukuvivinya uJesu kukho konke lokhu. UJesu wazithulela. Waze wagcina esekhuluma ngenxa yokuthi babemucindezela ukuba akhulume, wathi ongenasono makaphonse itshe lokuqala. Lamadoda abeka amatshe awo phansi ahamba, wasala yedwa lowesifazane. Wabesethi kuye “nami angikulahli, hamba ungabe usona”. Uma sihlangana nabantu abonayo, kumele singakukhohlwa ukuthi nathi siyizoni. Noma sinaso isibindi sokuma, kodwa kumele siwabeke phansi amatshe. Kumele ngokubekezela nangothando siholele abanye ukukhanyeni okuyiqiniso likaNkulunkulu. Uthando lukaNkulunkulu uthando lweqiniso, uthando alubayeki abantu ezonweni kodwa lifuna ukubasiza baphume. Uma isoni sigcina siphendukela kuNkulunkulu, siyatholakala- uNkulunkulu womusa uyaxolela.

 

* * * * * * * * *

 

Ubani olungile?

Akakho olungileyo, akakho noyedwa” (KwabaseRoma 3:10)

 

Ubani owonile?

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23)

 

Iyini inkokelo yesono?

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu” (KwabaseRoma 6:23)

 

Ubani owakhokha inhlawulo yecala lethu?

Kepha uNkulunkulu (uyabonakalisa) ukusithanda kwakhe ngaloku ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela” (KwabaseRoma 5:8)

 

Ngingasindiswa kanjani kwisazela, nenhlawulo yesono sami?

Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa” (KwabaseRoma 10:13)

 

 

Umkhuleko wesoni

 

Nkosi, ngiyavuma ukuthi ngiyisoni esingafanelwe umusa, kodwa ukwahlulela kwakho okulungile…

 

Mina ngiyakholwa ukuthi uJesu wafa efela zonke izono zami…

 

Ngiyacela ukuba ungixolele…

 

Ngiyamamukela uJesu abe ngumsindisi wami!