WISDOM FROM THE WORD

“The righteous shall flourish…
like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

WISDOM FROM THE WORD

The righteous shall flourish…

like a cedar in Lebanon” (Psalm 92:12)

Esihogweni

Ihunyushwe nguSandile Mbotho

 

“Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe” (AmaHubo 130:4)

 

Isahluko 16 ivangeli ngokuka Luka sithola indaba emangazayo, ngandlela zonke zemicabango nethusayo iminyakanyaka. Iyona ngxenye ye bhayibheli echaza ngokweqiniso ngomuntu ongasindisiwe emuva kokufa. UJesu usitshela ngendoda eyaphila impilo yobugwili kodwa ingenakuzikhathaza ngo Nkulunkulu, kanye nendoda eyaphila ekuhluphekeni kodwa yathola impilo engenakuphela no Nkulunkulu.

Lalela amazwi kaJesu;

LUKA 16:19

Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla  etamasa”

Wayengumuntu owaye nothile ngokwengcebo yalelizwe. Konke okwakuthengwa ngemali kwakuyinjabulo kuye. Asitshelwa ukuthi wayengumuntu oyisoni. Kungenzeka ukuthi wayenge mubi. Asitshelwa ukuthi wathola ingcebo yakhe ngokwenza okubi. Mhlawumbe wayengumuntu othembekile.

Owayegqoka ezibubende nezelineni elihle” – Umbala obubende wawungobizayo ngalezo zinsuku zika Krestu. Umbala obubende babewuthola ohlotsheni oluthile lwenhlanzi yegobolondo, kweyodwa kwakutholakala iconsi nje lika yinki ongawusebenzisa, ngalesizathu umbala obubende wawungowa maKhosi Nabahlonishwa nabacebileyo basemhlabeni.  “I-lineni elihle” ngokunjalo nalo lalibiza kakhulu. Ngakho lendoda yayigqoka izingubo zenani eliphezulu ngalezo zinsuku.

“Ezijabulisa imihla ngemihla  etamasa” – Wayedla kahle futhi. Impilo yayingumcimbi kulendoda.  Kepha sithola ukuthi impilo yayo yayedukile, yingakho sifundiswa lezizifundo ezibalulekile;

  • Abantu akufanele siba kale ngenxa yalokhu abanakho.
  • Isimo oyiso phambi kwabantu ayichazi isimo oyoba yiso phambi kuka-Nkulunkulu.
  • Ukunotha akusho umusa ka-Nkulunkulu, nobuphofu abusho ukuqalekiswa ngu-Nkulunkulu.

 

LUKA 16:20-21

Kwakukhona futhi ompofu othile, ngu Lazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo kweza nezinja, zamkhotha izilonda.”

Manje umehluko kulomuntu u-Lazaru. Wayengompofu, futhi enesifo esimenza abe nezilonda umzimba wonke. U-Lazaru wayebekwe  esangweni lesicebi, kungaba umndeni noma abangane bakhe; ngakho ke ngisho abakubo babengenasikhathi nokumnakekela, bahluleka ngisho nokumnika ukudla okuncane ukuze athibe indlala, wabe esebekwa esangweni lesicebi, ngoba kungenzeka isicebi simdabukele ngemvuthuluka ewa etafuleni, noma waluthola usizo laphaya asaziswa, asizwa lutho ngokungenzi kahle kwesicebi noma ukumnakekela.

“Kweza nezinja ,zamkhotha izilonda” – Ngakho u-Lazaru washiywa engenako okokuzemboza, izilonda zakhe zisobala ukuthi zikhothwe yizinja. Kubukeka sengathi wayengenamandla okuziphunga zisuke kuye, wayengenakuzwelwa muntu, wayesenakwe yizinja kuphela. Isithombe esibonisa ukungabi nanjabulo nhlobo!

 

Luka 16:22

“Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizi ngelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama nesicebi safa, sembelwa;”

Ngakho ke ekugcineni wafa ompofu. Akushiwo lutho ngomngcwabo ohlelekile. Ubengenamuntu onendaba naye emhlabeni. Kodwa ukhona onendaba  eZulwini!

“Wathwalwa yizi ngelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama” – Oh kwaze kwayisithombe esihle! Ukuthi u-Lazaru wathwalwa yizingelosi, empeleni kukhulunywa ngomphefumulo wakhe, okuluqobo lwakhe. Qaphela ukuthi kukhulunywa nge-zingelosi lapha, ayiyinye. Ngakho ke zingakhi izingelosi ezithwala umphefumulo? Ngaphezu kweyodwa? Empeleni akunjalo. Kwathatha ingelosi eyodwa ukugingqa itshe emnyango wethuna ekuvukeni kukaJesu ekufeni (Mathewu 28:2) kodwa izingelosi eziningi zabelana ngenjabulo yokuthwala osindisiweyo ukuze zimduduze. Lokhu kuyisenzo sokunakekela okunozwelo! Kushiywa abalahlwa, bebodwa emhlabeni,  u-Lazaru wahlangana nokunakekelwa okumangalisayo. UJesu wakhuluma ku sahluko Luka 15 ngezingelosi ezijabulayo ngokuphenduka kwesoni esisodwa (vs10) manje uchaza ngeZingelosi zamukela zinaka okholwayo njengoba eshiya lelizwe eya kwelizayo. Waphathwa, wathwalwa ngokunakekela wayiswa hhayi nje endaweni kodwa kumuntu, hhayi eduze kwakhe kodwa esifubeni sika Abrahama, walethwa ekuthokomaleni. Walethwa ekugonweni! Labo abafele kuJesu bangeke bangayi ezandleni ezingcono. Manje ekuphumuleni  nabangani endaweni ebusisekile lapho benakekelwa khona.

“nesicebi safa, sembelwa” – Lokhu kuyisikhumbuzo sokuthi ukufa kuyisiphelo sengcebo nobuphofu ngokunjalo. Nengcebo yakhe ibingeke iphebeze isitha sokugcina somuntu. Ukufa akuna zwelo nomuntu. Akukwazi ukuphatha ocebileyo ngokwehlukile kunompofu.

Ngokubalulwa kokumbelwa kocebileyo, siyacabanga ukuthi kwaba nenkonzo nezihambeli nokukhala okukhulu, namazwi amahle. Ingcebo yakhe yenza ukuthi kubelula ukutuswa kwasemhlabeni, kodwa ngokunjalo konke ayenako kwasala kwabase mhlabeni, abantu bathwala isidumbu sakhe basisa ethuneni, kodwa umoya wakhe awuthathwanga yizingelosi ukuya ekuphileni okuphakade, ngokuba ukuphela manje sekufikile kuye “kwezinto ezinhle”.

 

LUKA 16:23

“Sesise-Hayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u Abrahama ekude, no-Lazaru esifubeni sakhe.”

Ubani ongacabanga ubuhlungu balesosikhathi! Ukuphaphama uphakamise amehlo ubheke ukuthi uzophila ingunaphakade lapho!

Bhekisisa lokhu okucacileyo esihogweni;

  • Uqhubeka nobuyena, ngokuba kusenguye namanje, kusengumuntu ofanayo.
  • Usabona, “saphakamisa amehlo aso”.
  • Unokuqonda okuphelele. uyambona u-Abrahama, futhi uyamazi u-Lazaru njengomuntu ongelutho owayesesangweni lakhe. Lokhu akususwanga engqondweni, kufana nokwasemhlabeni nje, usezi ngqondweni zakhe.
  • Uvunyelwe ngisho nokubona isibusiso sabasindisiwe, eqhathanisa nosizi lwakhe, oh asephendukile amatafula!
  • Unemizwa yonke yokuzwa ubuhlungu bomlilo.

Ungakhohliseki mngane wami! lesi isihogo salabo abangaphendukanga, indawo yokuhlushwa kwabalahlekileyo. Kanti kukhona iZulu labaphendukileyo, indawo yokududuzwa kwabasindisiweyo.

 

Luka 16:24

Samemeza sathi: Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kulelilangabi.”

Uyakwazi nokukhulumisana nomunye, sengathi usenalo ulwimi namaphaphu, nakuba manje engasenamzimba. Uzwakalisa imizwa yakhe futhi uyacela usizo  ku-Abrahama. Unemicabango, imibono, nezifiso. Unemizwa yonke sengathi usesekuphileni kodwa ngaphandle kokunethezeka ake wakwazi.

“Baba Abrahama, ngihawukele” – wayengenandaba nomusa, kuze kube nguye owudingayo.

“Agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami” – Nakuba ekuphileni kwakhe “wayezijabulisa imihla ngemihla  etamasa” kodwa manje udinga ngisho umuzwa omncane wenkululeko. Isimangaliso soshintsho olwenzekile ngemizuzwana nje kulama doda amabili! Lapho kwakumgompofu owayefisa ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni locebileyo, kodwa manje sekungocebileyo odinga ukuphoziswa yiconsi lamanzi esihlokweni somunwe wompofu. Akaceli ukususwa ekuhlushweni kwakhe, kusengathi uyazi ukuthi akulula. Ucela nje okuncane ukuphozisa ulimi lwakho, ngeshwa okungelula nakho!

 

LUKA 16:25

“Kepha u-Abrahama wathi: ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekhuphileni no-Lazaru kanjalo okubi; kodwa nanje uyaduduzwa  yena lapha wena uyahlushwa.”

Impendulo ka-Abrahama inentobeko nokuba ngubaba, nakuba kungenalusizo! Nakuba lendoda ingumJuda ibiza u-Abrahama ngoBaba wesizwe sabo, kodwa akatholi lusizo kwasebalala base-Zulwini, asebalala abangcwele nabo abakwazi ukusiza ofele ezonweni zakhe.

U-Abrahama wathi: ndodana, khumbula” – kusho ukuthi usenakho ukukhumbula noma esesihogweni, usakwazi ukukhumbula elapho esihogweni amathuba amahle awalahla eselapha. Lokhu kungayinhlupho enkulu yasesihogweni.

 

LUKA 16:26

“Ngaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nalapho bangaweleli kithi.”

Nanoma iliphi igebe pahakathi kwentokomalo nendawo yokuhlushwa linzima ngoba, kuvimbe umsele omkkhulu. Lokhu kusho ukuthi akukho ukuphenduka komuntu esefile. Ukuxhumana akuvunyelwe ndawo zombili, kungabe ungosindisiwe ekuphumuleni kwakho noma ungobhubhayo ekuhlushweni kwakho.

Uma u-Abrahama ethi “phakathi kwethu nani” igama elithi “nani” lisebuningini (phakathi kwethu nani nonke) liveza ukuthi kukhona nabanye kulendawo yokuhlushwa. Ukuqaphelile ukuthi akuveziwe nophawu oluncane olusho ukuthi kukhona nabanye? Kuvela sengathi uyedwa nje kulendawo, amehlo akhe nethemba lakhe likulendawo engaphesheya. Nakuba bebaningi abanye abaphelela esihogweni, akuyikuba indawo yabangane noma lapho  kungumcimbi khona kutholakale abangane bazinhlobo zonke. Akuyikuba namuntu lapho ongacela kuyena usizo, njengalesisenzo sokuzama usizo ku-Abrahama. Umhosha phakathi kwa lezindawo usho ukwahlukana, ububanzi “isizungu esikhulu” esihogweni! Labo abangeke bawuzwe umuzwa wokunakekelwa kuze kube phakade! Imiphefumulo laphaya yembozwe izinhlupho zayo ukuze kungabi khona imicabango yokunaka omunye, cabanga kungenaluzwelo oluvela kumngane naphakade!

Manje abanye bathatha lendaba eku Luka 16 nje ngomunye wemifanekiso. Kade ngixoxa nomunye okholelwa ukuthi asiyi eZulwini noma esihogweni uma sifa. Ekuxoxisaneni kwethu ngilinganise ngengxenye yalendaba eku Luka 16 “Oh lowo ngumfanekiso nje” ephendula ngokushesha “umfanekiso nje” sengathi uma esho njalo akusahlangani nempilo yangempela nokufa? Sengathi lokho kumelene nokushiwo uJesu? Umbuzo-kungabe kunamthelela muni uma kungumfanekiso nje? Kungabe uJesu wake wasebenzisa okungamanga noma izimo ezingelona iqiniso ukuhlanganisa imifanekiso yakhe? Cha! Uma ekhuluma ngemifanekiso ukhuluma ngezinto ezenzeka empilweni yangempela, izinto ezenzeka ebantwini bangempela. Ngabe wake wakhuluma ngokungelona iqiniso noma izinkolelo-ze noma izinganekwane? Cha! Pho kanti sithini uma simelana nalendaba ngoba sithi umfanekiso nje? Sithi leyo akusiyo impilo yabantu abaphilayo okwempela? Kungabe uJesu uyantela nje? Uyahubhuza nje, ukuze afundise iqiniso? Cha, akunjalo? Ukhuluma njengokujwayelekile, izinto ezenzeka kubantu bangempela.

Kanjalo iNkosi ayizange yasebenzisa amagama angempela emifanekisweni. Kujwayele ukuba umlimi noma umninindlu noma owesifazane noma umdayisi. Kodwa lapha iNkosi isebenzisa omabili amagama u-Lazaru no Abrahama. (Nakuba amagama abantu abasekuhlushweni enganikeziwe, sengathi amagama alabo ababhubhayo awanamsebenzi, noma bengabadumileyo emhlabeni. Kodwa iNkosi iyabazi abayo ibabiza ngamagama, futhi amagama abo iwabhale encwadini yokuphila.) Kungabe izingelosi azizange zayithwala indoda ogama layo  ngu-Lazaru ukuyisa esifubeni sika Abrahama? Uyayibona inkinga ekucabangeni ukuthi lo ngomunye nje wemifanekiso? Kungabe sithi ngokwempela uAbrahama akazange wazisho lezizinto athi uJesu wazisho? Kungabe sinaye na lo “oyiqiniso”(Johane 14:6) empeleni angakhuluma amanga ngo Abrahama? Kungabe ngempela yilokho esifuna ukukusho ngo Nkulunkulu ongenamanga?

Kudingeka uhlakaniphe kangakanani ukuba ukholwe ukuthi lokhu kwenzeke kubantu abaphila emhlabeni. Kwakukhona othile  u-Lazaru igama lakhe wafa. Waye ngompofu kungathi isidumbu sakhe sambelwa ngokungenasizotha, nokho umphefumulo wakhe wayiswa endaweni  yokuphumula nokunethezeka, enabo bonke abasindisiwe. Kanjalo kwakukhona onothileyo owaphila, wafa engenayo insindiso  ka-Nkulunkulu. Nakuba ingcebo ayishiya ngemuva yamenzela umngcwabo omkhulu, kodwa umphefumulo wakhe okuluqobo lwakhe. Luphelela esihogweni.  Nalapho ehlushwa khona kuze kube namuhla, ebuphofini obumangalisayo nosizi nokulahlwa okungakholeki! Ngokuba walahlekelwa umphefumulo wakhe! Owayempofu manje unothile, owayenothi manje umpofu!

Kunesexwayiso ngathi lapha, ukuba sibalekele ulaka luka-Nkulunkulu, sibalekele kuyona ndawo ephephile okungu Jesu Kristu. Uma leyondoda ivula amehlo ayo esihogweni iqala ingunaphakade layo, u-Abrahama wathi “ndodana KHUMBULA…”, emkhumbuza ngempilo yakhe emhlabeni kanye namathuba. Imicabango iyoba misha lapho ayiyikushabalala! Imicabango ngenkathi wayesenethuba lezwi lika Nkulunkulu, ukulizwa aliqonde, kodwa akayikuba nalo! Impilo yakhe nezidingo zazikulokho angakuthenga nge mali. Manje unesihogo  semicabango azihlupha ngayo, ukucabanga ukuba nje wamukela insindiso, mhlawumbe wayefuna kodwa wangabaza waze washiywa isikhathi, izikhathi lapho engabe walangazelela ukusindiswa, akhulume nothize, noma avule ibhayibheli lakhe axoshe imicabango edlulayo, wagcina engakwazanga, kwaze kwaphela ukulangazelela  kwashabalala. Imicabango yezingqinamba ezicindezelayo nokucela ukubizelwa ekukholweni ku-Jesu. Imicabango yokwazi ukuthi udinga ukuxolelwa ezonweni zakhe, kodwa wayicima yonke, ebanjezelwe ukuzigqaja, ekhohliswa, empeleni esaba ngezinto angahlukana nazo, kwaze kwaba ukuphela kwesikhathi!  Imicabango! Imicabango ebuhlungu, eyombeleselaingunaphakade lakhe!

Uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe, ngokuthi: yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa! Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.” (iZaga 5:11-13),

…Kuze KUPHELE ISIKHATHI!

 

u-Nkulunkulu uyakubiza manje ukuze uvume izono zakho phambi kwakhe, ukholwe ngu-Jesu Kristu ingunaphakade. uJesu weza emhlabeni eminyakeni engu 2000 edlule njengendodana ka Nkulunkulu umsindisi wabantu. Weza ukufela thina, afe endaweni yethu, abantu bamzonda bambulala, kodwa uJesu wenza okungenzeki. Wavuka ekufeni, waziveza ephilile! Manje yoke imiphefumulo ekholwa nguye  yamukela isethembiso sakhe sokuvuka kwabafileyo baye ekuphileni okuphakade.

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade” (Johane 3:16).

uNkulunkulu uyakubiza manje, namhlanje, ukukholwa wamukele, ngokuba “bheka manje kuyisikhathi esihle; bheka  manje kulusuku lwensindiso” (11 Korinte 6:2)

 

***********

 

Nkosi, Ngiyavuma ukthi ngiyisoni esingawufanele umusa wakho, kodwa ukwahlulela kwakho okulungile…

 

Ngiyakholwa u-Jesu wafa endaweni yami efela izono zami …

 

Ngiyacela ukuba ungithethelele …

 

Ngiyamamukela u-Jesu njenge Nkosi no-Msindisi!

 

“Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe-ngaba-ntwana baka-Nkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe” (Johane 1:12)